-
2 AmaKhosi 25:11, 12IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
11 UNebuzaradani induna yonogada wabayisa ekudingisweni bonke abantu ababesele edolobheni, nalabo ababehlubukele enkosini yaseBhabhiloni naso sonke esinye isixuku. + 12 Kodwa induna yonogada yabashiya abanye kubantu abampofu bezwe ukuze babe abanakekeli bamasimu amagilebhisi nezisebenzi eziphoqelelwe. +
-
-
Jeremiya 39:9, 10IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
9 UNebuzaradani, + induna yonogada, wabathatha bonke abantu ababesele edolobheni, abantu ababehlubukile nabo bonke abanye abantu ababesele wabayisa ekudingisweni eBhabhiloni.
10 UNebuzaradani induna yonogada washiya ezweni lakwaJuda abanye babantu ababehlupheka kakhulu, ababengenalutho. Ngalolo suku wabanika namasimu amagilebhisi namasimu ababezosebenza kuwo. *+
-