-
Joshuwa 23:6, 7IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
6 “Manje kumele nibe nesibindi sokugcina nokwenza konke okulotshwe encwadini yoMthetho + KaMose ngokuba ningalokothi nichezuke kuwo niye kwesokudla noma kwesobunxele, + 7 ngokuba ningalokothi nizihlanganise nalezi zizwe + ezisele phakathi kwenu. Akumele niwaphathe nokuwaphatha amagama onkulunkulu bazo + noma nifunge ngabo, futhi akumele nibakhonze noma nibakhothamele. +
-
-
Jeremiya 12:16IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
16 “Uma nakanjani befunda izindlela zabantu bami futhi befunga igama lami, bethi, ‘Ngimfunge uJehova!’ njengoba nje befundise abantu bami ukufunga uBhali, bayochuma phakathi kwabantu bami.
-
-
Zefaniya 1:4, 5IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
4 “Ngizokwelula isandla sami ngimelane noJuda
Ngimelane nabo bonke abakhile eJerusalema,
Ngizosusa zonke izinsalela* zikaBhali + kule ndawo,
Igama labapristi bonkulunkulu bezinye izizwe kanye nabapristi bamanga, +
5 Nalabo abakhothamela ibutho lasemazulwini bephezu kophahla lwezindlu, +
Nalabo abakhothamayo, bafunge ukuthi bazoba qotho kuJehova +
Bebe befunga ukuthi bazoba qotho nakuMalkamu; +
-