-
Luka 19:43, 44IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
43 Ngoba uzofikelwa izinsuku lapho izitha zakho zizokwakha uthango nxazonke zakho ngezigxobo ezicijile, zikuzungeze, zikuvimbezele* nhlangothi zonke. + 44 Zizokuphahlaza phansi wena nabantwana bakho. + Akukho tshe kuleli dolobha eliyoshiywa phezu kwelinye itshe, + ngoba uNkulunkulu wezela ukuzokwahlulela, kodwa wena awukuqondanga lokho.”
-