-
Daniyeli 9:27IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
27 “Uyogcina isivumelwano sisebenza ngenxa yabaningi isonto elilodwa; esikhathini esiyingxenye yesonto uyobangela ukuba kukhawuke umhlatshelo nomnikelo wesipho. +
“Obangela incithakalo uyoza egibele iphiko lezinto ezinyanyekayo; + okwanqunywa kuyothululelwa naphezu koyincithakalo kuze kufike ukuqothula.”
-
-
Marku 13:14-18IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
14 “Nokho, lapho nibona into enyanyekayo ebangela incithakalo + imi lapho kungafanele ibe khona (ofundayo makasebenzise ukuqonda), labo abaseJudiya mababalekele ezintabeni. + 15 Umuntu ophezu kwendlu makangehli noma angene ngaphakathi ayokhipha noma yini esendlini yakhe; 16 umuntu osensimini makangabuyeli ezintweni ezisemuva ayothatha ingubo yakhe yangaphandle. 17 Maye kwabesifazane abakhulelwe nakwabancelisayo ngalezo zinsuku! + 18 Thandazelani ukuba kungenzeki ngesikhathi sasebusika;
-