Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Isaya 11:11, 12
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 11 Ngalolo suku uJehova uyophinda elule isandla sakhe, okwesibili, ukuze alande abantu bakhe abasele e-Asiriya, + eGibhithe, + ePhatirosi, + eKushe, + e-Elamu, + eShinari,* eHamati naseziqhingini zolwandle. + 12 Uyophakamisela izizwe isibonakaliso* futhi aqoqe abahlakazekile bakwa-Israyeli, + uyobaqoqela ndawonye abahlakazekile bakwaJuda bevela emagumbini amane omhlaba. +

  • Isaya 27:12
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 12 Ngalolo suku uJehova uyovuthula izithelo, kusukela emfudlaneni ogelezayo woMfula* kuya eMhosheni* WaseGibhithe, + niyobuthwa omunye ngemva komunye, sizwe sakwa-Israyeli. +

  • Hezekeli 28:25
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 25 “ ‘Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo: “Lapho ngiphinde ngiqoqela ndawonye indlu ka-Israyeli ngiyisusa ezizweni ehlakazelwe kuzo, + ngizongcweliswa phakathi kwayo emehlweni ezizwe. + Bayohlala ezweni labo + engalinika inceku yami uJakobe. +

  • Hezekeli 34:15, 16
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 15 “ ‘ “Ngiyozondla mina mathupha izimvu zami, + ngiyozilalisa phansi,” + kusho iNkosi EnguMbusi uJehova. 16 “Elahlekile ngiyoyifuna, + edukile ngiyoyibuyisa, elimele ngiyoyibopha, ebuthakathaka ngiyoyiqinisa; kodwa ekhuluphele nenamandla ngiyoyibhubhisa. Leyo ngiyoyondla ngesahlulelo.”

  • Amose 9:14
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 14 Ngiyoqoqa izithunjwa zabantu bami u-Israyeli ngizibuyise, +

      Ziyokwakha kabusha amadolobha enziwe incithakalo zihlale kuwo; +

      Ziyotshala amasimu amagilebhisi ziphuze iwayini lawo, +

      Zenze izingadi zidle izithelo zazo.’ +

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela