-
2 IziKronike 36:20, 21IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
20 Yathatha izithunjwa ezasinda enkembeni yaziyisa eBhabhiloni, + zaba yizinceku zayo + nezabantwana bayo kwaze kwaqala ukubusa umbuso* wasePheresiya, + 21 ukuze kugcwaliseke izwi likaJehova elakhulunywa ngoJeremiya, + kuze kube yilapho izwe selikhokhe amasabatha alo. + Zonke izinsuku zokuba kwalo yincithakalo laligcina isabatha, ukuze kuphelele iminyaka engu-70. +
-