-
Marku 1:29-34IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
29 Babe sebesuka esinagogeni baya kubo kaSimoni no-Andreya behamba noJakobe noJohane. + 30 Umkhwekazi kaSimoni + wayelele phansi egula enomkhuhlane, bamtshela ngokugula kwakhe ngaso leso sikhathi. 31 Waya kuye, wambamba ngesandla wamphakamisa. Umkhuhlane wamyeka, waqala ukubakhonza.
32 Lapho sekuhwalele, ilanga selishonile, abantu baqala ukumlethela bonke ababegula nababenamademoni; + 33 lonke idolobha laliqoqanele emnyango. 34 Ngakho welapha abaningi ababephethwe izifo ezihlukahlukene, + waxosha amademoni amaningi, kodwa wayengawavumeli amademoni ukuba akhulume, ngoba ayemazi ukuthi unguKristu.*
-
-
Luka 4:38-41IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
38 Ngemva kokusuka esinagogeni, wangena emzini kaSimoni. Umkhwekazi kaSimoni wayephethwe umkhuhlane omubi, ngakho bamcela ukuba amsize. + 39 Waya kuye, wama lapho ayelele khona, wawukhuza lowo mkhuhlane, wamyeka. Ngaso leso sikhathi, wavuka waqala ukubakhonza.
40 Kodwa lapho kushona ilanga, bonke ababenabantu abagulayo bephethwe izifo ezihlukahlukene babaletha kuye. Wabelapha ngokubeka izandla kumuntu ngamunye. + 41 Kwaphuma amademoni kwabaningi, ememeza ethi: “Wena uyiNdodana kaNkulunkulu.” + Kodwa wawakhuza, engawavumeli ukuba akhulume, + ngoba ayemazi ukuthi unguKristu. +
-