Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Marku 12:18-23
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 18 AbaSadusi, abathi alukho uvuko, + beza kuye bambuza bathi: + 19 “Mfundisi, uMose wasilobela ukuthi uma umfowabo womuntu efa futhi eshiya umfazi kodwa engashiyi mntwana, umfowabo kufanele amngene lowo mfazi avezele umfowabo inzalo. + 20 Kwakukhona izelamani eziyisikhombisa. Owokuqala wathatha umfazi, kodwa lapho eshona akashiyanga ngane. 21 Lo mfelokazi washadwa owesibili, kodwa naye washona ngaphandle kokuzala ingane, kwenzeka okufanayo nakowesithathu. 22 Bonke abayisikhombisa abazalanga ngane. Ekugcineni owesifazane naye wafa. 23 Ovukweni, ubani ayoba ngumkakhe? Ngoba waba yinkosikazi yabo bonke abayisikhombisa.”

  • Luka 20:27-33
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 27 Nokho, abanye kubaSadusi, labo abathi alukho uvuko, + beza kuye bambuza bathi: + 28 “Mfundisi, uMose wasilobela wathi, ‘Uma umfowabo womuntu efa eshiya umfazi, kodwa engazange abe nabantwana, umfowabo kufanele amngene* lowo mfazi avezele umfowabo inzalo.’ + 29 Manje kwakukhona izelamani eziyisikhombisa. Owokuqala wathatha umfazi kodwa wafa engenabantwana. 30 Nowesibili 31 nowesithathu bamshada. Bonke abayisikhombisa benza into efanayo; bafa bangashiya bantwana. 32 Ekugcineni, owesifazane naye wafa. 33 Ngakho ovukweni ubani ayoba ngumkakhe? Ngoba waba yinkosikazi yabo bonke abayisikhombisa.”

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela