-
Mathewu 22:23-28IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
23 Ngalolo suku abaSadusi, abathi alukho uvuko, + beza kuye bambuza, bathi: + 24 “Mfundisi, uMose wathi: ‘Uma umuntu efa engenabo abantwana, umfowabo kumele amngene lowo mfazi avezele umfowabo inzalo.’ + 25 Manje kwakukhona izelamani eziyisikhombisa. Owokuqala washada washona, ngenxa yokuthi wayengenangane, umkakhe wangenwa umfowabo. 26 Kwenzeka ngendlela efanayo nakowesibili nakowesithathu, zaze zaphelela zonke izelamani eziyisikhombisa. 27 Ekugcineni owesifazane wafa. 28 Ngakho ovukweni, yimuphi kulaba abayisikhombisa ayoba ngumkakhe? Ngoba waba yinkosikazi yabo bonke.”
-
-
Marku 12:18-23IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
18 AbaSadusi, abathi alukho uvuko, + beza kuye bambuza bathi: + 19 “Mfundisi, uMose wasilobela ukuthi uma umfowabo womuntu efa futhi eshiya umfazi kodwa engashiyi mntwana, umfowabo kufanele amngene lowo mfazi avezele umfowabo inzalo. + 20 Kwakukhona izelamani eziyisikhombisa. Owokuqala wathatha umfazi, kodwa lapho eshona akashiyanga ngane. 21 Lo mfelokazi washadwa owesibili, kodwa naye washona ngaphandle kokuzala ingane, kwenzeka okufanayo nakowesithathu. 22 Bonke abayisikhombisa abazalanga ngane. Ekugcineni owesifazane naye wafa. 23 Ovukweni, ubani ayoba ngumkakhe? Ngoba waba yinkosikazi yabo bonke abayisikhombisa.”
-