-
Mathewu 27:11-14IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
11 Manje uJesu wama phambi kombusi, umbusi wambuza lo mbuzo: “Ingabe uyiyo iNkosi yamaJuda?” UJesu waphendula: “Wena ngokwakho uyasho.” + 12 Kodwa ngesikhathi abapristi abakhulu namadoda amadala bembeka icala, akaphendulanga. + 13 Khona-ke uPilatu wathi kuye: “Awuzwa yini ukuthi ziningi kangakanani izinto abazifakazayo ngawe?” 14 Kodwa akamphendulanga, akazange athi vu, kangangokuthi umbusi wamangala kakhulu.
-