-
Johane 1:32-34IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
32 UJohane wafakaza futhi, wathi: “Ngibone umoya wehla njengejuba uvela ezulwini, wahlala phezu kwakhe. + 33 Ngisho nami bengingamazi, kodwa Yena kanye ongithume ukuba ngibhapathize ngamanzi wathi kimi: ‘Noma ubani oyobona umoya wehlela phezu kwakhe futhi uhlale kuye, + lowo nguye obhapathiza ngomoya ongcwele.’ + 34 Ngikubonile lokho, futhi ngifakazile ukuthi lo uyiNdodana kaNkulunkulu.” +
-