-
Mathewu 12:1-8IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
12 Ngaleso sikhathi uJesu wadabula emasimini ngeSabatha. Abafundi bakhe balamba bakha izikhwebu badla. + 2 Lapho bekubona lokhu, abaFarisi bathi kuye: “Bheka! Abafundi bakho benza lokho umthetho ongakuvumeli ukuba kwenziwe ngeSabatha.” + 3 Wathi kubo: “Anikufundanga yini lokho uDavide akwenza lapho yena namadoda ayenaye belambile? + 4 Indlela angena ngayo endlini kaNkulunkulu, badla izinkwa zokubukwa, + into umthetho owawungavumi ukuba yena noma labo ababenaye bayidle, ngaphandle kwabapristi kuphela? + 5 Noma anifundanga yini eMthethweni ukuthi ngamaSabatha abapristi ethempelini bayalona iSabatha kodwa baqhubeke bengenacala? + 6 Kodwa ngiyanitshela, lapha kukhona okukhulu kunethempeli. + 7 Nokho, ukube benikuqondile ukuthi kusho ukuthini lokhu, ‘Ngifuna isihe, + hhayi umhlatshelo,’ + ngabe anibalahlanga laba abangenacala. 8 Ngoba iNdodana yomuntu iyiNkosi yeSabatha.” +
-
-
Marku 2:23-28IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
23 Njengoba ayedabula emasimini ngeSabatha, abafundi bakhe babehamba bekha izikhwebu. + 24 Ngakho abaFarisi bathi kuye: “Buka nje! Kungani abafundi bakho benza okungavunyelwe umthetho ngeSabatha?” 25 Kodwa wathi kubo: “Anikufundanga yini lokho uDavide akwenza lapho eswele, ngesikhathi yena namadoda ayenawo belambile? + 26 Endabeni ephathelene no-Abhiyathara + umpristi omkhulu, anifundanga yini ngendlela angena ngayo endlini kaNkulunkulu, wadla izinkwa zokubukwa, umthetho ongavumeli noma ubani ukuba azidle ngaphandle kwabapristi, + ezinye wazinika amadoda ayenaye?” 27 Wabe esethi kubo: “ISabatha laba khona ngenxa yomuntu, + umuntu akabanga khona ngenxa yeSabatha. 28 Ngakho iNdodana yomuntu iyiNkosi ngisho yeSabatha.” +
-