-
Mathewu 14:15-21IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
15 Kodwa lapho kuhwalala, abafundi bakhe beza kuye bathi: “Le ndawo ayinabantu, nesikhathi sesihambile; tshela izixuku zihambe, ukuze zingene emizini zizithengele ukudla.” + 16 Nokho, uJesu wathi kubo: “Akudingeki ukuba zihambe; zinikeni nina ukudla.” 17 Bathi kuye: “Asinalutho lapha ngaphandle kwezinkwa ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili.” 18 Wathi: “Ziletheni lapha kimi.” 19 Wayala izixuku ukuba zihlale otshanini. Wabe esethatha lezo zinkwa ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili, ebheka phezulu ezulwini, wathandaza, + ngemva kokuhlephula izinkwa, wazinika abafundi, abafundi bona bazinika izixuku. 20 Ngakho bonke badla basutha, baqoqa izingcezwana eziyizinsalela, zagcwala obhasikidi abangu-12. + 21 Labo ababedla kwakungamadoda acishe abe ngu-5 000, uma bengabalwa abesifazane nabantwana. +
-
-
Marku 6:35-44IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
35 Manje isikhathi sase sihambile, abafundi bakhe beza kuye bathi: “Le ndawo ayinabantu, nesikhathi sesihambile. + 36 Batshele bahambe ukuze baye emaphandleni nasemizini eseduze bazithengele okudliwayo.” + 37 Wabaphendula wathi: “Banikeni nina ukudla.” Bathi kuye: “Sihambe yini siyothenga izinkwa zodenariyu* abangu-200 sizinike abantu ukuze badle?” + 38 Wathi kubo: “Zingaki izinkwa eninazo? Hambani niyobheka!” Ngemva kokubheka, bathi: “Zinhlanu, kukhona nezinhlanzi ezimbili.” + 39 Wayala bonke abantu ukuba bahlale ngamaqembu otshanini obuluhlaza. + 40 Ngakho bahlala ngamaqembu abangu-100 nawabangu-50. 41 Ethatha lezo zinkwa ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka phezulu ezulwini wathandaza. *+ Wabe esehlephula izinkwa wazinika abafundi bakhe ukuze bona bazinike abantu, wabahlukanisela bonke izinhlanzi ezimbili. 42 Ngakho bonke badla basutha, 43 baqoqa okwakusele kwagcwala obhasikidi abangu-12, ngaphandle kwezinhlanzi. + 44 Labo abadla izinkwa kwakungamadoda angu-5 000.
-
-
Johane 6:5-13IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
5 Lapho uJesu ephakamisa amehlo futhi ebona ukuthi isixuku esikhulu siza kuye, wathi kuFiliphu: “Sizozithengaphi izinkwa ukuze la bantu badle?” + 6 Nokho, wayesho lokhu ukuze amvivinye, ngoba wayekwazi ayesezokwenza. 7 UFiliphu wamphendula: “Izinkwa zodenariyu* abangamakhulu amabili azanele ukuba ngamunye athole ngisho okuncane.” 8 Omunye wabafundi bakhe, u-Andreya umfowabo kaSimoni Petru, wathi kuye: 9 “Nangu umfanyana onezinkwa zebhali ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili ezincane. Kodwa kuyini lokhu kubantu abaningi kangaka?” +
10 UJesu wathi: “Celani abantu ukuba bahlale phansi.” Njengoba kwakunotshani obuningi kuleyo ndawo, amadoda ahlala phansi, cishe ayengu-5 000. + 11 UJesu wathatha izinkwa, futhi ngemva kokubonga, wabela labo ababehlezi lapho; wenza okufanayo nangezinhlanzi ezincane, badla basutha. 12 Kodwa lapho sebesuthi, wathi kubafundi bakhe: “Buthani izingcezwana ezisele, ukuze kungachithwa lutho.” 13 Ngakho bazibutha bagcwalisa obhasikidi abangu-12 ngezingcezwana zezinkwa ezinhlanu zebhali, ezashiywa yilabo ababedlile.
-