-
Mathewu 20:17-19IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
17 Njengoba bekhuphukela eJerusalema, uJesu wathatha abafundi abangu-12 waya nabo ngasese wathi kubo endleleni: + 18 “Bhekani! Sikhuphukela eJerusalema, iNdodana yomuntu izonikelwa kubapristi abakhulu nakubabhali. Bazoyinika isigwebo sokufa, + 19 bayinikele kubantu bezizwe ukuba bahlekise ngayo, bayibhaxabule futhi bayibulalele esigxotsheni; + kodwa ngosuku lwesithathu izovuswa.” +
-
-
Marku 10:32-34IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
32 UJesu nabafundi bakhe babekhuphuka ngendlela beya eJerusalema, uJesu wayehamba phambili, abafundi bakhe bamangala, kodwa labo ababelandela baqala ukwesaba. Waphinde wabizela eceleni abayiShumi Nambili* wabatshela lezi zinto ezase zizomehlela: + 33 “Bhekani! Sikhuphukela eJerusalema, iNdodana yomuntu izonikelwa kubapristi abakhulu nakubabhali. Bazoyinika isigwebo sokufa bayinikele kubantu bezizwe, 34 bahlekise ngayo bayikhafulele, bayibhaxabule bayibulale, kodwa izovuka ngemva kwezinsuku ezintathu.” +
-