-
Mathewu 20:17-19IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
17 Njengoba bekhuphukela eJerusalema, uJesu wathatha abafundi abangu-12 waya nabo ngasese wathi kubo endleleni: + 18 “Bhekani! Sikhuphukela eJerusalema, iNdodana yomuntu izonikelwa kubapristi abakhulu nakubabhali. Bazoyinika isigwebo sokufa, + 19 bayinikele kubantu bezizwe ukuba bahlekise ngayo, bayibhaxabule futhi bayibulalele esigxotsheni; + kodwa ngosuku lwesithathu izovuswa.” +
-
-
Luka 18:31-33IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
31 Wabe esebizela eceleni abayiShumi Nambili* wathi kubo: “Bhekani! Sikhuphukela eJerusalema, zonke izinto ezalotshwa ngokuqondene neNdodana yomuntu kusetshenziswa abaprofethi zizofezeka. *+ 32 Ngokwesibonelo, izonikelwa kubantu bezizwe, + kuhlekiswe ngayo, + yeyiswe futhi ikhafulelwe. + 33 Ngemva kokuyibhaxabula bazoyibulala, + kodwa izovuka ngosuku lwesithathu.” +
-