-
2 AmaKhosi 17:13, 14IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
13 UJehova wayelokhu emxwayisa u-Israyeli noJuda ngabo bonke abaprofethi bakhe nangabo bonke ababoni bemibono, + ethi: “Shiyani izindlela zenu ezimbi! + Gcinani imiyalo yami nemithetho yami, ngokuvumelana nawo wonke umthetho engayala ngawo okhokho benu nenganinika wona ngezinceku zami abaprofethi.” 14 Kodwa abalalelanga, baba nenkani njengokhokho* babo abangazange babe nokholo kuJehova uNkulunkulu wabo. +
-
-
2 IziKronike 36:15, 16IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
15 UJehova uNkulunkulu wokhokho babo waqhubeka ebaxwayisa esebenzisa izithunywa zakhe, ebaxwayisa ngokuphindaphindiwe, ngoba waba nozwela ngabantu bakhe nangendawo yakhe yokuhlala. 16 Kodwa babelokhu behlekisa ngezithunywa zikaNkulunkulu weqiniso, + bedelela amazwi akhe, + bebenza inhlekisa abaprofethi bakhe, + kwaze kwaphela ithemba lokuthi bangaphulukiswa, uJehova wabavuthela ngolaka. +
-
-
Hebheru 11:36, 37IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
36 Yebo, abanye bavivinywa ngokuhlekwa usulu nangokubhaxabulwa, impela, bavivinywa ngokungaphezu kwalokho, ngamaketanga + nangokuboshwa emajele. + 37 Bashaywa ngamatshe, + baquliswa amacala, banqanyulwa kabili ngesaha,* babulawa ngenkemba, + bazulazula bembethe izikhumba zezimvu, izikhumba zezimbuzi, + beswele, besosizini, + bephethwe kabi; +
-