11 Maye kulabo abavuka ekuseni ukuze baphuze utshwala, +
Abahlala kuze kube sebusuku baze badakwe yiwayini!
12 Kunehabhu nensimbi yomculo enezintambo,
Ithamborini, umtshingo newayini emadilini abo;
Kodwa abawunaki umsebenzi kaJehova,
Abawuboni umsebenzi wezandla zakhe.