Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Mathewu 10:2
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 2 Amagama abaphostoli abangu-12 yilawa: + Owokuqala, nguSimoni, obizwa ngokuthi uPetru, + no-Andreya + umfowabo; uJakobe indodana kaZebedewu noJohane + umfowabo;

  • Mathewu 10:4
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 4 uSimoni umKhanana;* noJuda Iskariyothe, lowo kamuva owamkhaphela. +

  • Luka 6:12-16
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 12 Ngolunye lwalezo zinsuku waphuma waya entabeni eyothandaza, + wachitha ubusuku bonke ethandaza kuNkulunkulu. + 13 Lapho kusa, wabiza abafundi bakhe, wakhetha phakathi kwabo abangu-12, abaqamba nangokuthi abaphostoli: + 14 USimoni, amqamba nangokuthi uPetru, u-Andreya umfowabo, uJakobe, uJohane, uFiliphu, + uBartolomewu, 15 uMathewu, uTomase, + uJakobe indodana ka-Alfewu, uSimoni obizwa ngokuthi “oshisekayo,” 16 uJuda indodana kaJakobe, noJuda Iskariyothe, lowo owaphenduka imbuka.

  • Johane 6:70, 71
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 70 UJesu wabaphendula wathi: “Nganikhetha mina nina eniyishumi nambili, akunjalo? + Nokho omunye kini ungumnyundeli.” *+ 71 Eqinisweni wayekhuluma ngoJuda indodana kaSimoni Iskariyothe, ngoba lona wayezomkhaphela, nakuba ayengomunye wabayiShumi Nambili. *+

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela