-
1 Thimothewu 6:3-5IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
3 Uma umuntu efundisa enye imfundiso futhi engavumelani namazwi aphilayo, *+ avela eNkosini yethu uJesu Kristu, noma nemfundiso evumelana nokuzinikela kuNkulunkulu, + 4 ukhukhumele futhi akaqondi lutho. + Uthanda kakhulu* izimpikiswano nokuqagulisana ngamazwi. + Lezi zinto zibangela umona, ukuxabana, ukunyundela,* izinsolo ezimbi, 5 zibangela nokuba labo abonakalisiwe engqondweni + nabangasaliqondi iqiniso babe nezimpikiswano ezingapheli ngezindaba eziwubala. Bacabanga ukuthi ukuzinikela kuNkulunkulu kuyindlela yokuthola inzuzo. +
-