11 “Niyajabula lapho abantu benihlambalaza, + benishushisa + futhi besho yonke inhlobo yento embi ngani, beniqambela amanga ngenxa yami. + 12 Jabulani nithokoze + ngoba umvuzo wenu + mkhulu emazulwini, ngoba babashushisa ngaleyo ndlela abaprofethi ngaphambi kwenu. +