Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Roma 13:13
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 13 Masiphile ukuphila okufanele + njengokungathi kusemini, ukuphila okungenayo imicimbi* exokozelayo nokudakwa, okungenakho ukuziphatha kabi ngokocansi nokuziphatha kabi okuhambisana nendelelo, *+ okungenakho ukuxabana nomhawu. +

  • 1 Korinte 5:11
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 11 Kodwa manje nginibhalela ukuba niyeke ukuzihlanganisa *+ nanoma ubani obizwa ngokuthi umzalwane ebe eziphatha kabi ngokocansi* noma engumuntu ohahayo + noma okhonza izithombe noma othuka inhlamba* noma isidakwa + noma umphangi, + ningadli ngisho nokudla nomuntu onjalo.

  • Galathiya 5:19
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 19 Imisebenzi yenyama ibonakala ngokucacile, iwukuziphatha kabi ngokocansi, *+ ukungcola, ukuziphatha kabi okuhambisana nendelelo, *+

  • Galathiya 5:21
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 21 umona, ukudakwa, + imicimbi* exokozelayo, nezinto ezifana nalezi. + Nginixwayisa kusengaphambili ngalezi zinto, njengoba nje nganixwayisa, ukuthi labo abenza izinto ezinjalo ngeke balizuze ifa loMbuso kaNkulunkulu. +

  • Efesu 4:17-19
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 17 Ngakho yilokhu engikushoyo nengikufakazelayo eNkosini, ukuthi ningabe nisaqhubeka nihamba njengoba izizwe zihamba + ekucabangeni kwazo okuyize. *+ 18 Zisebumnyameni ngengqondo futhi zihlukanisiwe nokuphila okungokukaNkulunkulu, ngenxa yokungazi kwazo, ngenxa yokungazweli* kwezinhliziyo zazo. 19 Njengoba zazingasenawo nhlobo umuzwa wokuziphatha okuhle, zazinikela ekuziphatheni kabi okuhambisana nendelelo *+ ukuze zenze zonke izinhlobo zokungcola ngokuhaha.

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela