Levitikusi
10 Kamuva ngayinye emadodaneni ka-Aroni uNadabi no-Abhihu + yathatha umcengezi wayo womlilo, yafaka umlilo kuwo yabeka impepho kuwo. + Ayesenikela phambi kukaJehova umlilo ongagunyaziwe, + ayengazange awayale ukuba awenze. 2 Kwabe sekuphuma umlilo phambi kukaJehova wawadla, + afa phambi kukaJehova. + 3 UMose wathi ku-Aroni: “Yilokhu uJehova akushilo, ‘Ngizongcweliswa phakathi kwalabo abaseduze kwami + futhi ngizokhazinyuliswa phambi kwabo bonke abantu.’” U-Aroni wathula.
4 Ngakho uMose wabiza uMishayeli no-Elizafani, amadodana ka-Uziyeli, + umfowabo kayise ka-Aroni, wathi kubo: “Wozani lapha, nithwale abafowenu nibasuse phambi kwendawo engcwele nibayise endaweni engaphandle kwekamu.” 5 Ngakho beza babathwala ngezingubo zabo babayisa endaweni engaphandle kwekamu, njengoba nje uMose ayebatshelile.
6 UMose wabe esethi ku-Aroni nakwamanye amadodana akhe u-Eleyazare no-Itamari: “Ningawayeki amakhanda enu engalungisiwe nezingubo zenu ningaziklebhuli, + ukuze ningafi futhi ukuze uNkulunkulu angayithukutheleli yonke inhlangano. Abafowenu bayo yonke indlu ka-Israyeli bazobakhalela labo uJehova ababulale ngomlilo. 7 Akumele niphume emnyango wetende lokuhlangana, kungenjalo nizofa, ngoba amafutha okugcoba kaJehova akini.” + Ngakho benza ngokwezwi likaMose.
8 UJehova wabe esethi ku-Aroni: 9 “Ungaliphuzi iwayini noma obunye utshwala, wena namadodana akho, lapho niza etendeni lokuhlangana, + ukuze ningafi. Kuwumthetho waphakade ezizukulwaneni zenu. 10 Lokhu kuzonenza nikwazi ukuhlukanisa into engcwele nengcolile nento engcolile nehlanzekile, + 11 futhi nifundise ama-Israyeli zonke iziqondiso uJehova azikhulume kuwo ngoMose.” +
12 UMose wakhuluma no-Aroni no-Eleyazare no-Itamari, amadodana akhe ayesele, wathi: “Thathani okusele komnikelo wokudla okusanhlamvu ovela eminikelweni kaJehova eshiswa emlilweni nikudle njengesinkwa esingenamvubelo eduze kwe-altare, + ngoba kuyinto engcwelengcwele. + 13 Kumele nikudlele endaweni engcwele + ngoba kuyingxenye yenu nengxenye yamadodana enu evela eminikelweni kaJehova eshiswa emlilweni, ngoba ngiyalwe kanjalo. 14 Nizodla nesifuba somnikelo ozuliswayo nomlenze womnikelo ongcwele + endaweni ehlanzekile, nina namadodana enu namadodakazi enu, + ngoba lezi zinto nizinikwe njengengxenye yenu nengxenye yamadodana enu evela emihlatshelweni ehlanganyelwayo yama-Israyeli. 15 Azoletha umlenze womnikelo ongcwele nesifuba somnikelo ozuliswayo kanye neminikelo yamanoni eshiswa emlilweni, ukuze kuzuliswe umnikelo ozuliswayo phambi kukaJehova; uzoba ingxenye yaphakade yakho namadodana akho, + njengoba nje uJehova eyalile.”
16 UMose wayifunisisa imbuzi yomnikelo wesono, + wathola ukuthi yayishisiwe. Ngakho wathukuthelela u-Eleyazare no-Itamari, amadodana ka-Aroni ayesele, wathi: 17 “Kungani ningazange niwudle umnikelo wesono endaweni engcwele, + njengoba uyinto engcwelengcwele futhi eninike wona ukuze niphendule ngesiphambeko senhlangano futhi niyenzele isihlawulelo phambi kukaJehova? 18 Bhekani! Igazi lawo alizange lilethwe ngaphakathi endaweni engcwele. + Bekufanele nakanjani niwudle endaweni engcwele, njengoba nje ngiyaliwe.” 19 U-Aroni waphendula uMose wathi: “Bheka! Namhlanje balethe umnikelo wabo wesono nomnikelo wabo oshiswayo phambi kukaJehova, + noma kunjalo lezi zinto zingehlele. Ukube ngiwudlile umnikelo wesono namhlanje, bekuyomjabulisa yini uJehova lokho?” 20 Lapho uMose ekuzwa lokho, waneliseka.