Eyesibili YeziKronike
17 UJehoshafati + indodana yakhe waba inkosi esikhundleni sakhe, waqinisa isikhundla sakhe phezu kuka-Israyeli. 2 Wabeka amabutho empi kuwo wonke amadolobha anezivikelo eziqinile akwaJuda, wabeka namabutho amasosha ezweni lakwaJuda nasemadolobheni akwa-Efrayimi u-Asa uyise ayewathumbile. + 3 UJehova waqhubeka enoJehoshafati ngoba wahamba ezindleleni zangaphambili zikaDavide + ukhokho wakhe, akazange afune oBhali. 4 Wafuna uNkulunkulu kayise, + walandela* umyalo wakhe, wangenza imikhuba ka-Israyeli. + 5 UJehova wagcina umbuso wakhe umi uqinile esandleni sakhe; + wonke uJuda waqhubeka enika uJehoshafati izipho, wayenengcebo eningi nodumo olukhulu. + 6 Walandela izindlela zikaJehova ngesibindi, wasusa ngisho nezindawo eziphakeme + nezigxobo ezingcwele *+ kwaJuda.
7 Ngonyaka wesithathu wokubusa kwakhe wathumela ukuba kubizwe izikhulu zakhe, uBheni-hayili, u-Obadiya, uZakariya, uNethaneli noMikhaya, ukuze ziyofundisa emadolobheni akwaJuda. 8 Wathuma kanye nazo amaLevi: uShemaya, uNethaniya, uZebadiya, u-Asaheli, uShemiramoti, uJehonathani, u-Adoniya, uThobija noThobi-adoniya, kanye no-Elishama noJehoramu abapristi. + 9 Baqala ukufundisa kwaJuda, babephethe incwadi yoMthetho kaJehova, + behamba wonke amadolobha akwaJuda befundisa phakathi kwabantu.
10 Yonke imibuso yamazwe eyayizungeze uJuda yamesaba uJehova, ayizange ilwe noJehoshafati. 11 AmaFilisti aletha izipho nemali kuJehoshafati njengenkokhiso. Ama-Arabhu amlethela izinqama ezingu-7 700 nezimpongo ezingu-7 700 zivela emihlanjini yawo.
12 UJehoshafati waqhubeka eba mkhulu kakhulu + futhi waqhubeka akha izindawo ezinezivikelo eziqinile + namadolobha okugcina izinto + kwaJuda. 13 Wenza imisebenzi eminingi emadolobheni akwaJuda, wayenamasosha angamaqhawe anamandla eJerusalema. 14 Ayehlelwe ngokwemindeni yoyise: kwaJuda izinduna zezinkulungwane, u-Adinahi induna, kanye naye kwakukhona amaqhawe anamandla angu-300 000. + 15 Ngaphansi kokulawula kwakhe kwakukhona uJehohanani induna, kanye naye kukhona angu-280 000. 16 Ngaphansi kokulawula kwakhe kwakukhona u-Amasiya indodana kaZikiri owavolontiyela ukwenza umsebenzi kaJehova, kanye naye kukhona amaqhawe anamandla angu-200 000. 17 KwaBhenjamini + kwakukhona u-Eliyada, iqhawe elinamandla, kanye naye kukhona amadoda angu-200 000 ahlome ngomnsalo nangehawu. + 18 Ngaphansi kokulawula kwakhe kwakukhona uJehozabhadi, kanye naye kukhona amadoda angu-180 000 ahlomele impi. 19 Laba yibo ababekhonza inkosi ngaphandle kwalabo inkosi eyababeka emadolobheni anezivikelo eziqinile kulo lonke elakwaJuda. +