Eyesibili YeziKronike
2 Manje uSolomoni wakhipha umyalo wokuba kwakhelwe igama likaJehova indlu, + kwakhiwe nendlu* yobukhosi bakhe. + 2 USolomoni wabhalisa amadoda angu-70 000 aba izisebenzi ezenza imisebenzi evamile,* angu-80 000 aba abasiki bamatshe ezintabeni, + nangu-3 600 ukuba engamele la madoda. + 3 Ngaphezu kwalokho, uSolomoni wathumela umyalezo kuHiramu + inkosi yaseThire, ethi: “Ngithumelele izingodo zomsedari njengoba wathumelela uDavide ubaba ukuze akhe indlu* ayezohlala kuyo. + 4 Manje ngakhela igama likaJehova uNkulunkulu wami indlu ukuze ngiyingcwelisele yena, ngishise impepho enamakha + phambi kwakhe, kube khona nezinkwa ezitakelene *+ neminikelo eshiswayo ekuseni nakusihlwa, + ngamaSabatha, + ngokwethwasa kwezinyanga + nangezinkathi zemikhosi + kaJehova uNkulunkulu wethu. Lesi isibopho sika-Israyeli saphakade. 5 Indlu engiyakhayo iyoba nkulu, ngoba uNkulunkulu wethu mkhulu kunabo bonke abanye onkulunkulu. 6 Ubani okulungele ukumakhela indlu? Ngoba amazulu nezulu lamazulu akukwazi ukumthwala, + pho ngingubani mina ukuba ngimakhele indlu? Engingakwenza nje ukwakha indawo yokushunqisa umusi womhlatshelo phambi kwakhe. 7 Manje ngithumelele umuntu oyingcweti, onekhono lokusebenza ngegolide, ngesiliva, ngethusi, + ngensimbi, ngoboya obuphephuli, obubomvu nangentambo eluhlaza okwesibhakabhaka, nokwaziyo ukuqopha. Uzosebenza kwaJuda naseJerusalema nezingcweti zami ezinekhono, lezo uDavide ubaba azilungiselele. + 8 Ngithumelele nezingodo zaseLebhanoni zomsedari, umjunipha + nom-aligamu, + ngoba ngazi kahle ukuthi izinceku zakho zingomakadebona ekugawuleni izihlahla zaseLebhanoni. + Izinceku zami zizosebenza kanye nezinceku zakho + 9 ukuze zingilungisele izingodo eziningi kakhulu, ngoba indlu engizoyakha izoba nkulu ngendlela engavamile. 10 Izinceku zakho ezigawula izihlahla ngizozinika ukudla: + ukolweni ongamakhora* angu-20 000, ibhali elingamakhora angu-20 000, iwayini elingamabhathi* angu-20 000 namafutha angamabhathi angu-20 000.”
11 UHiramu inkosi yaseThire wabe esethumela lo myalezo obhaliwe kuSolomoni: “Ngenxa yokuthi uJehova uyasithanda isizwe sakhe, ukwenze waba inkosi yaso.” 12 UHiramu wabe esethi: “Makadunyiswe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, owenza amazulu nomhlaba, ngoba unike uDavide inkosi indodana ehlakaniphile, + ekhaliphile nenokuqonda, + ezokwakhela uJehova indlu kanye nendlu yobukhosi bayo. 13 Manje ngikuthumelela ingcweti enekhono nenokuqonda, uHiramu-abi, + 14 eyindodana yowesifazane wakwaDani kodwa uyise kungumuntu waseThire; ingumakadebona ekusebenzeni ngegolide, ngesiliva, ngethusi, ngensimbi, ngamatshe, ngezingodo, ngoboya obuphephuli, ngentambo eluhlaza okwesibhakabhaka, ngendwangu esezingeni eliphezulu, nebomvu. + Ingaqopha noma yini, yenze imiklamo yanoma yiluphi uhlobo. + Izosebenza kanye nezingcweti zakho ezinekhono nezingcweti ezinekhono zenkosi yami uDavide uyihlo. 15 Manje inkosi yami mayithumele ukolweni, ibhali, amafutha newayini ekuthembise izinceku zayo. + 16 Thina sizogawula izihlahla zaseLebhanoni, + zibe ningi ngokwezidingo zakho, sizozibophela ndawonye sizintantise zihambe olwandle ziye eJopha; + wena uzozikhuphulela eJerusalema.” +
17 USolomoni wabe esebala wonke amadoda ayeyizifiki ezweni lakwa-Israyeli, + ngemva kokubalwa kwawo okwakwenziwe uDavide uyise, + kwatholakala ukuthi angu-153 600. 18 Ngakho angu-70 000 wawabela ukuba abe izisebenzi ezenza imisebenzi evamile,* angu-80 000 aba abasiki bamatshe + ezintabeni, angu-3 600 engamela abantu emsebenzini. +