UJeremiya
14 Yileli izwi likaJehova elafika kuJeremiya ngokuphathelene nesomiso: +
2 UJuda uyalila, + amasango akhe awohlokile.
Ambozwa umhlabathi edangele,
EJerusalema kuqhuma isililo.
3 Abanumzane bathuma izinceku zabo ukuba ziyokha amanzi.
Ziyahamba ziye emithonjeni* zifike zingatholi manzi.
Zibuya nezitsha ezingenalutho.
Zinamahloni zidumele,
Zimboze amakhanda azo.
4 Ngenxa yokuthi umhlabathi uqhekekile,
Ngoba imvula ayini ezweni, +
Abalimi baphoxekile futhi bamboze amakhanda abo.
5 Ngisho nenyamazane endle iyalishiya izinyane layo
Ngoba abukho utshani.
6 Izimbongolo zasendle zimi emagqumeni angenalutho.
Zihefuzela njengezimpungushe;
Amehlo azo awaboni ngoba abukho utshani. +
Ngoba izenzo zethu zokungathembeki ziningi, +
Sone kuwe.
8 O themba lika-Israyeli, Msindisi + wakhe esikhathini sokucindezeleka,
Kungani unjengesihambi ezweni,
Njengesihambi esima kuphela ukuze siphumule ubusuku?
9 Kungani unjengomuntu oshaqekile,
Njengeqhawe elingenakusindisa?
Ungasishiyi.
10 Yilokhu uJehova akushoyo ngalesi sizwe: “Siyakuthanda ukuzulazula; + asikwazi ukuziqoqa. + Ngakho asimjabulisi uJehova. + Manje uzosikhumbula isono saso asijezise.” +
11 UJehova wathi kimi: “Ungasithandazeli lesi sizwe usicelele okuhle. + 12 Lapho sizila ukudla, angikulaleli ukuncenga kwaso, + nalapho sinikela iminikelo eshiswayo ephelele neminikelo yokudla okusanhlamvu, angijabuli ngayo, + ngizosibulala ngenkemba, ngendlala nangesifo esiwumshayabhuqe.” +
13 Ngaphendula ngathi: “Maye Nkosi EnguMbusi Jehova! Abaprofethi bathi kuso, ‘Ngeke kube nempi nendlala, kodwa ngizoninika ukuthula kweqiniso kule ndawo.’ ” +
14 UJehova wabe esethi kimi: “Abaprofethi baprofetha amanga egameni lami. + Angibathumanga, futhi angizange ngibayale noma ngikhulume nabo. + Baprofetha kini umbono wamanga nokubhula okungasizi ngalutho nokukhohlisa kwenhliziyo yabo. + 15 Ngakho-ke yilokhu uJehova akushoyo ngokuphathelene nabaprofethi abaprofetha egameni lami, nakuba ngingabathumanga, labo abathi ngeke ibe khona impi nendlala kuleli zwe: ‘Labo baprofethi bayobulawa yinkemba nayindlala. + 16 Izidumbu zabantu abaprofetha kubo—bona nomkabo namadodana abo namadodakazi abo—ziyolahlwa emigwaqweni yaseJerusalema ngenxa yendlala nenkemba, kungekho ozozingcwaba + ngoba ngizobalethela inhlekelele ebafanele.’ +
17 “Kumele ubatshele lokhu,
‘Amehlo ami mawageleze izinyembezi ubusuku nemini, mazinganqamuki, +
Ngoba indodakazi eyintombi nto yabantu bami iphahlaziwe yaphuka, +
Ilimele kakhulu.
Uma ngingena edolobheni,
Ngibona umonakalo obangelwe yindlala! +
Ngoba umprofethi nompristi baye ezweni abangalazi.’ ” +
19 Ingabe umlahle ngempela uJuda, noma ulenyanyile iZiyoni? +
Kungani usishayile ukuze singelapheki? +
Sasinethemba lokuthola ukuthula, kodwa akufikanga lutho oluhle,
Ithemba lokwelashwa, kodwa kukhona ukwesaba! +
Khumbula, ungasiphuli isivumelwano osenze nathi. +
22 Sikhona yini isithixo ezithixweni zezizwe esinganisa imvula,
Noma ingabe amazulu angakwazi ukuzinisela imvula ngokwawo?
Nguwe kuphela onganisa imvula Jehova Nkulunkulu wethu. +
Sithembele kuwe,
Ngoba uwena owenze zonke lezi zinto.