Eyokuqala KwabaseKorinte
10 Ngifuna nazi bazalwane, ukuthi okhokho bethu bonke babengaphansi kwefu + futhi bonke badabula olwandle, + 2 bonke babhapathizelwa kuMose ngefu nangolwandle, 3 bonke badla ukudla okufanayo okungokomoya, + 4 bonke baphuza isiphuzo esifanayo esingokomoya. + Ngoba babephuza edwaleni elingokomoya elalibalandela, futhi lelo dwala lalisho uKristu. *+ 5 Noma kunjalo, abaningi babo uNkulunkulu akajabulanga ngabo, ngoba babulawa ehlane. +
6 Lezi zinto zaba izibonelo kithi, ukuze singazifisi izinto ezilimazayo, njengoba bona bazifisa. + 7 Ningabi abakhonza izithombe, njengoba abanye kubo benza; njengoba nje kulotshiwe: “Abantu bahlala phansi badla baphuza. Base besukuma bazijabulisa.” + 8 Masingaziphathi kabi ngokocansi,* njengoba abanye kubo baziphatha kabi ngokocansi,* kwaphumela ekufeni kwabangu-23 000 ngosuku olulodwa. + 9 Masingamvivinyi uJehova,* njengoba abanye kubo bamvivinya, + kwamane kwaphumela ekubhujisweni kwabo ngezinyoka. + 10 Ningabubuli, njengoba abanye babo babubula, + kwamane kwaphumela ekubhujisweni kwabo umbhubhisi. + 11 Lezi zinto zabehlela njengezibonelo, zalotshelwa ukuba zibe yisixwayiso kithi + esiphila ekupheleni kwale nkathi.
12 Ngakho, lowo ocabanga ukuthi umile makaqaphele ukuba angawi. + 13 Asikho isilingo esinifikele ngaphandle kwalokho okuvamile kubantu. + Kodwa uNkulunkulu uthembekile, ngeke avumele ukuba nilingwe ngaphezu kwalokho eningakuthwala, + kodwa kanye naleso silingo uyokwenza nendlela yokuphuma ukuze nikwazi ukusikhuthazelela. +
14 Ngakho-ke bathandekayo bami, kubalekeleni ukukhonza izithixo. + 15 Ngikhuluma nani njengabantu abanokuqonda; zinqumeleni nina ngokuqondene nalokho engikushoyo. 16 Lapho siphuza indebe yesibusiso esiyibusisayo, sisuke singahlanganyeli yini egazini likaKristu? + Lapho sidla isinkwa esisihlephulayo, sisuke singahlanganyeli yini emzimbeni kaKristu? + 17 Ngenxa yokuthi isinkwa sinye, nathi, nakuba sibaningi, siwumzimba owodwa, + ngoba sonke sidla leso sinkwa esisodwa.
18 Bhekani u-Israyeli ngendlela engokwenyama: Labo abadla imihlatshelo ababona yini abahlanganyeli kanye ne-altare? + 19 Yini-ke engiyishoyo? Ngithi lokho okuhlatshelwe isithixo kuwutho, noma ngithi isithixo siwutho? 20 Cha; kodwa ngithi lokho izizwe ezikwenza umhlatshelo, zikuhlabela amademoni hhayi uNkulunkulu; + angifuni ukuba nibe abahlanganyeli namademoni. + 21 Anikwazi ukuphuza indebe kaJehova* nibe niphuza indebe yamademoni; anikwazi ukudla “etafuleni likaJehova” *+ nibe nidla etafuleni lamademoni. 22 Noma ‘ingabe senza uJehova* abe nesikhwele’? + Asinamandla kunaye, akunjalo?
23 Zonke izinto zingokomthetho,* kodwa akuzona zonke izinto eziwusizo. Zonke izinto zingokomthetho, kodwa akuzona zonke izinto ezakhayo. + 24 Yilowo nalowo makangazifuneli inzuzo yakhe siqu, kodwa eyomunye umuntu. +
25 Yidlani noma yini ethengiswa emakethe yenyama, ningabuzi lutho ngenxa kanembeza wenu, 26 ngoba “umhlaba nakho konke okukuwo kungokukaJehova.” *+ 27 Uma umuntu ongakholwa enimema futhi nithanda ukuya, yidlani noma yini ebekwa phambi kwenu, ningabuzi lutho ngenxa kanembeza wenu. 28 Kodwa uma othile ethi kini: “Lokhu bekwenziwe umhlatshelo,” ningadli ngenxa yalowo onitshelile nangenxa kanembeza. + 29 Angisho unembeza wakho, kodwa owalowo omunye umuntu. Ngoba kungani kufanele inkululeko yami yahlulelwe unembeza womunye umuntu? + 30 Uma ngidla ngokubonga, kungani kumele ngihlanjalazwe ngalokho engibongayo ngakho? +
31 Ngakho-ke, kungakhathaliseki ukuthi niyadla noma niyaphuza noma nenza noma yini enye, zonke izinto zenzeleni inkazimulo kaNkulunkulu. + 32 Gwemani ukuba yizimbangela zokukhubeka kumaJuda nakumaGreki nasebandleni likaNkulunkulu, + 33 njengoba nje nami ngizama ukujabulisa bonke abantu ezintweni zonke, ngingafuni ukuzizuzisa mina, + kodwa ukuzuzisa abaningi, ukuze basindiswe. +