-
Indlela Yothando Ayihluleki NaniniINqabayokulinda—1999 | Febhuwari 15
-
-
4. Yikuphi ukuqonda okunikezwa yiBhayibheli ngomhawu?
4 Ngemva kwamazwi akhe okuqala ngothando, uPawulu wabhalela abaseKorinte: “Uthando alunamhawu.” (1 Korinte 13:4) Umhawu ungabonakala lapho siba nomona osenza singajabuli ngokuchuma kwabanye noma izinto abazifinyelelayo. Umhawu onjalo uyonakalisa—ngokwenyama, ngokomzwelo nangokomoya.—IzAga 14:30; Roma 13:13; Jakobe 3:14-16.
5. Uthando lungasisiza kanjani ukuba sinqobe umhawu lapho kubonakala sengathi asinakiwe mayelana nelungelo elithile elingokwasezulwini?
5 Unalokhu engqondweni, zibuze, ‘Ingabe ngiba nomona uma kubonakala sengathi anginakiwe mayelana nelungelo elithile elingokwasezulwini?’ Uma impendulo inguyebo, ungadangali. Umlobi weBhayibheli uJakobe usikhumbuza ukuthi bonke abantu abangaphelele banakho ‘ukuthambekela emoneni.’ (Jakobe 4:5) Uthando ngomfowenu lungakusiza uphinde ube olinganiselayo. Lungakwenza ukwazi ukujabula nalabo abajabulayo futhi ungabheki ukuthola komunye isibusiso noma ukunconywa kwakhe njengokweyiwa kwakho.—Qhathanisa no-1 Samuweli 18:7-9.
6. Yisiphi isimo esibi esadaleka ebandleni laseKorinte lekhulu lokuqala?
6 UPawulu unezela ukuthi uthando “aluzigabisi, alukhukhumali.” (1 Korinte 13:4) Uma sinesiphiwo noma ikhono elithile, asikho isidingo sokubukisa ngako. Ngokusobala, lena kwakuyinkinga yamanye amadoda ayefisa ukuvelela, ayengene ngesinyenyela ebandleni laseKorinte lasendulo. Kungenzeka ayenamakhono amahle kakhulu okuchaza imiqondo noma enendlela ephumelela kangcono yokwenza izinto. Ukuzigqamisa kwawo kungenzeka kwaba nengxenye ekuqhekekeni kwebandla laba maqembuqembu. (1 Korinte 3:3, 4; 2 Korinte 12:20) Isimo saba sibi kangangokuthi kamuva uPawulu kwadingeka asole abaseKorinte ngenxa ‘yokubekezelela abantu abangenangqondo,’ uPawulu abachaza ngokubagxeka ngokuthi “abaphostoli abahle kakhulu.”—2 Korinte 11:5, 19, 20.
7, 8. Bonisa ngokweBhayibheli indlela esingasebenzisa ngayo noma yiziphi iziphiwo esizelwe nazo ukuze sithuthukise ubunye.
7 Kungadaleka isimo esifanayo nanamuhla. Ngokwesibonelo, abanye bangase bathambekele ekugabiseni ngalokho abakufezayo enkonzweni noma ngamalungelo abanawo enhlanganweni kaNkulunkulu. Ngisho noma sinabo ubuciko noma ikhono elithile abanye ebandleni abangenalo, ingabe lokho kusinika isizathu sokukhukhumala? Noma yiziphi iziphiwo esizalwa nazo kumelwe sizisebenzisele ukuthuthukisa ubunye—hhayi ukuzithuthukisa thina ngokwethu.—Mathewu 23:12; 1 Petru 5:6.
8 UPawulu wabhala ukuthi nakuba ibandla linamalungu amaningi, “uNkulunkulu wawuhlanganisa umzimba.” (1 Korinte 12:19-26) Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “wawuhlanganisa” lisho ukuhlangana ngendlela evumelanayo, njengasekuxutshweni kwemibala. Ngakho akukho muntu ebandleni okufanele azizwe ekhukhumele ngenxa yamakhono akhe futhi azame ukubusa abanye. Ukuqhosha nesifiso sokuvelela akunandawo enhlanganweni kaNkulunkulu.—IzAga 16:19; 1 Korinte 14:12; 1 Petru 5:2, 3.
-
-
Indlela Yothando Ayihluleki NaniniINqabayokulinda—1999 | Febhuwari 15
-
-
11. (a) Singalubonisa ngaziphi izindlela uthando olunomusa nolungahlazisi? (b) Singabonisa kanjani ukuthi asijabuli ngokungalungi?
11 UPawulu wabhala nokuthi uthando “lunomusa” futhi “aluziphathi ngokuhlazisayo.” (1 Korinte 13:4, 5) Yebo, uthando ngeke lusivumele ukuba sibe luhlaza, siziphathe ngendlela eyichilo, noma engenanhlonipho. Kunalokho, siyocabangela imizwa yabanye. Ngokwesibonelo, umuntu onothando uyogwema ukwenza izinto ezingaphazamisa onembeza babanye. (Qhathanisa neyoku-1 Korinte 8:13.) Uthando “alujabuli ngokungalungi, kodwa lujabula kanye neqiniso.” (1 Korinte 13:6) Uma siwuthanda umthetho kaJehova, ngeke sikuthathe kalula ukuziphatha okubi noma sijatshuliswe yizinto uNkulunkulu azizondayo. (IHubo 119:97) Uthando luyosisiza sithole injabulo ezintweni ezakhayo kunezibhidlizayo.—Roma 15:2; 1 Korinte 10:23, 24; 14:26.
-
-
Indlela Yothando Ayihluleki NaniniINqabayokulinda—1999 | Febhuwari 15
-
-
16. Yiziphi izimo uthando olungasisiza kuzo ukuba sibe ababhekakade?
16 UPawulu ube esesitshela ukuthi “uthando lubhekakade.” (1 Korinte 13:4) Lusenza sikwazi ukubekezelela izimo ezivivinyayo, mhlawumbe isikhathi eside. Ngokwesibonelo, amaKristu amaningi aye ahlala iminyaka emkhayeni ohlukene ngokwenkolo. Amanye awashadile, hhayi ngoba ethanda, kodwa ngoba engamtholi umlingane ofanelekayo “eNkosini.” (1 Korinte 7:39; 2 Korinte 6:14) Bese kuba nalabo abanezinkinga zempilo ezithena amandla. (Galathiya 4:13, 14; Filipi 2:25-30) Ngempela, kulesi simiso esingaphelele, akekho onesimo esingadingi uhlobo oluthile lokukhuthazela ekuphileni.—Mathewu 10:22; Jakobe 1:12.
-