UDaniyeli
12 “Ngaleso sikhathi uMikayeli, *+ isikhulu esiphakeme + esimele abantu* bakini, uyosukuma.* Kuyoba khona isikhathi sosizi olungakaze lube khona selokhu kwaba khona isizwe kuze kube yileso sikhathi. Ngaleso sikhathi abantu bakini bayophunyuka, + bonke abatholakala belotshiwe encwadini. + 2 Abaningi balabo abalele othulini lomhlaba bayovuka, abanye bavukele ekuphileni okuphakade abanye bavukele esihlambeni nasekuhlazekeni phakade.
3 “Abahlakaniphile bayokhanya njengokukhanya komkhathi wezulu, nalabo abaletha abaningi ekulungeni, bakhanye njengezinkanyezi kuze kube phakade naphakade.
4 “Kepha wena Daniyeli, gcina la mazwi eyimfihlo, uyivale incwadi kuze kube isikhathi sokuphela. + Abaningi bayoyihlola ngokucophelela* futhi ulwazi lweqiniso luyoba luningi.” +
5 Ngemva kwalokho mina Daniyeli, ngabheka ngabona abanye ababili bemi lapho, omunye emi osebeni lomfula olunganeno omunye emi osebeni lomfula olungaphesheya. + 6 Omunye wathi kumuntu owayembethe ilineni, + owayengaphezu kwamanzi omfula: “Kuyothatha isikhathi esingakanani ngaphambi kokuba lezi zinto ezimangalisayo zigcwaliseke?” 7 Ngakho ngezwa umuntu owayembethe ilineni, owayengaphezu kwamanzi omfula, njengoba ayephakamisela isandla sakhe sokudla nesandla sakhe sobunxele emazulwini, efunga Lowo ophila kuze kube phakade ethi: + “Kuyodlula isikhathi esimisiwe, izikhathi ezimisiwe nengxenye yesikhathi.* Ngokushesha nje lapho sekuqediwe ukuphahlazwa kwamandla abangcwele, + zonke lezi zinto ziyopheleliswa.”
8 Mina ngezwa, kodwa ngangingaqondi; + ngakho ngathi: “O nkosi yami, uyoba yini umphumela walezi zinto?”
9 Wathi: “Hamba, Daniyeli, ngoba la mazwi kufanele agcinwe eyimfihlo futhi evaliwe kuze kube sesikhathini sokuphela. + 10 Abaningi bayozihlanza bazenze mhlophe futhi bayocwengwa. + Ababi bayokwenza kabi futhi abekho nhlobo ababi abayoqonda; kodwa abahlakaniphile bayoqonda. +
11 “Kusukela esikhathini okuyosuswa ngaso umnikelo owenziwa njalo + futhi kubekwe into enyanyekayo ebangela incithakalo, + kuyoba izinsuku ezingu-1 290.
12 “Uyajabula ohlala elindile* nofinyelela ezinsukwini ezingu-1 335!
13 “Kodwa wena, hamba uye ekupheleni. Uzophumula kodwa uyosukuma ukuze uthole umvuzo* wakho ekupheleni kwezinsuku.” +