U-Isaya
31 Maye kulabo abaya eGibhithe beyofuna usizo, +
Labo abathembela emahhashini, +
Abathembela ezinqoleni zempi ngenxa yokuthi ziningi,
Nasemahhashini empi* ngoba enamandla.
Kodwa ababheki koNgcwele ka-Israyeli,
Abamfuni uJehova.
2 Kodwa yena uhlakaniphile futhi uyoletha inhlekelele,
Ngeke awahoxise amazwi akhe.
Uyovuka amelane nendlu yabenzi bokubi
Nalabo abasiza abenza okubi. +
Lapho uJehova elula isandla sakhe,
Noma ubani osizayo uyokhubeka,
Nalowo osizwayo uyowa;
Bonke bayoshabalala kanyekanye.
4 Ngoba yilokhu uJehova akushilo kimi:
“Njengoba nje ibhubesi ligwavuma, iwundlu lebhubesi elinamandla* ligwavuma lilwela inyamazane yalo,
Lapho kubizwa iviyo labelusi ukuba bazolihlasela,
Alithuswa amazwi abo
Noma lesatshiswe ukuphithizela kwabo;
Ngendlela efanayo uJehova wamabutho uyokwehla ukuze alwele
INtaba iZiyoni negquma layo.
5 Njengezinyoni ezindiza zehlele phansi, uJehova wamabutho uyolivikela ngendlela efanayo iJerusalema. +
Uyolivikela alisindise.
Uyoliphephisa alikhulule.”
6 “Buyelani kuLowo enimvukele ingcaca, nina bantu bakwa-Israyeli. + 7 Ngoba ngalolo suku yilowo nalowo uyobalahla onkulunkulu bakhe besiliva abangasizi ngalutho nonkulunkulu bakhe begolide abangenanzuzo, izandla zenu ezinenzele bona ngesono.
Uyobaleka ngenxa yenkemba,
Izinsizwa zakhe ziyokwenziwa izigqila.