Eyokuqala YeziKronike
24 Nazi izigaba zenzalo ka-Aroni: Amadodana ka-Aroni kwakunguNadabi, u-Abhihu, + u-Eleyazare no-Itamari. + 2 Nokho, uNadabi no-Abhihu bafa ngaphambi kukayise + futhi babengenawo amadodana; kodwa u-Eleyazare + no-Itamari baqhubeka bengabapristi. 3 UDavide, kanye noZadoki + emadodaneni ka-Eleyazare no-Ahimeleki emadodaneni ka-Itamari, bawahlukanisa ngezigaba bewahlukanisela izikhundla zenkonzo yawo. 4 Njengoba amadodana ka-Eleyazare ayenamadoda ayizinhloko amaningi kunamadodana ka-Itamari, bawahlukanisa ngendlela efanele: Amadodana ka-Eleyazare ayenezinhloko zemindeni yoyise ezingu-16, amadodana ka-Itamari wona enezinhloko zemindeni yoyise ezingu-8.
5 Ngaphezu kwalokho, bawahlukanisa ngenkatho, + kwaba iqembu nelinye iqembu, ngoba kwakunezinduna zendawo engcwele nezinduna zikaNkulunkulu weqiniso ezivela emadodaneni ka-Eleyazare nasemadodaneni ka-Itamari. 6 UShemaya indodana kaNethaneli unobhala wamaLevi wabe esebhala amagama awo phambi kwenkosi, izikhulu, uZadoki umpristi, + u-Ahimeleki + indodana ka-Abhiyathara + nezinhloko zemindeni yoyise yabapristi neyamaLevi, u-Eleyazare wakhethelwa umndeni owodwa woyise no-Itamari wakhethelwa owodwa.
7 Inkatho yokuqala yaya kuJehoyaribi; eyesibili kuJedaya, 8 eyesithathu kuHarimi, eyesine kuSeyorimi, 9 eyesihlanu kuMalikhiya, eyesithupha kuMijamini, 10 eyesikhombisa kuHakozi, eka-8 ku-Abhiya, + 11 eka-9 kuJeshuwa, eyeshumi kuShekaniya, 12 eka-11 ku-Eliyashibi, eka-12 kuJakimi, 13 eka-13 kuHupha, eka-14 kuJeshebheyabhu, 14 eka-15 kuBhiliga, eka-16 ku-Imeri, 15 eka-17 kuHeziri, eka-18 kuHaphizezi, 16 eka-19 kuPhethahiya, eka-20 kuJehezikeli, 17 eka-21 kuJakini, eka-22 kuGamuli, 18 eka-23 kuDelaya, eka-24 kuMahaziya.
19 Lezi kwakuyizikhundla zenkonzo yawo, + lapho ayengena khona endlini kaJehova ngokwenqubo eyamiswa ukhokho wawo u-Aroni, njengoba nje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ayemyalile.
20 KumaLevi ayesele: emadodaneni ka-Amramu + kwakukhona uShubayeli; + emadodaneni kaShubayeli kukhona uJehideya; 21 kuRehabhiya: + emadodaneni kaRehabhiya kukhona u-Ishiyahu inhloko; 22 kuma-Izihari, uShelomoti; + emadodaneni kaShelomoti kukhona uJahati; 23 emadodaneni kaHebroni kukhona uJeriya + inhloko, u-Amariya owesibili, uJahaziyeli owesithathu, uJekameyamu owesine; 24 emadodaneni ka-Uziyeli kukhona uMika; emadodaneni kaMika kukhona uShamiri. 25 Umfowabo kaMika kwakungu-Ishiyahu; emadodaneni ka-Ishiyahu kukhona uZakariya.
26 Amadodana kaMerari + kwakunguMaheli noMushi; emadodaneni kaJahaziya kukhona uBheno. 27 Enzalweni kaMerari: uJahaziya wayenoBheno, uShohamu, uZakuri no-Ibhiri. 28 KuMaheli kukhona u-Eleyazare, owayengenawo amadodana; + 29 kuKishi: emadodaneni kaKishi kukhona uJeramiyeli; 30 amadodana kaMushi kwakunguMaheli, u-Edere noJerimoti.
Lawa kwakungamadodana kaLevi ngokwemindeni yoyise. 31 Nawo enza inkatho + njengoba nje kwenza abafowabo amadodana ka-Aroni phambi kweNkosi uDavide, uZadoki, u-Ahimeleki nezinhloko zemindeni yoyise yabapristi neyamaLevi. Ngokuqondene nemindeni yoyise, oyinhloko wayefana nomfowabo omncane.