Levitikusi
18 UJehova waqhubeka ekhuluma noMose, wathi: 2 “Khuluma nama-Israyeli, uthi kuwo, ‘NginguJehova uNkulunkulu wenu. + 3 Ningaziphathi ngendlela abaziphatha ngayo abasezweni laseGibhithe enanihlala kulo, futhi akumele nenze okwenziwa ezweni laseKhanani enginiletha kulo. + Ningahambi ngemithetho yabo. 4 Kufanele nenze ngokuvumelana nezinqumo zami zokwahlulela, nigcine imithetho yami, nihambe kuyo. + NginguJehova uNkulunkulu wenu. 5 Kumele nigcine imithetho yami nezinqumo zami zokwahlulela; noma ubani owenza kanjalo uyophila ngayo. + NginguJehova.
6 “‘Akekho phakathi kwenu okufanele asondele kunoma yisiphi isihlobo sakhe esiseduze ukuze alale naso. *+ NginguJehova. 7 Akumele ulale noyihlo, akumele ulale nonyoko. Ungunyoko, akumele ulale naye.
8 “‘Akumele ulale nomkayihlo. + Kuwukuthela uyihlo ngehlazo.*
9 “‘Akumele ulale nodadewenu, kungaba indodakazi kayihlo noma indodakazi kanyoko, kungakhathaliseki ukuthi nizalwa endlini eyodwa noma uzalwa ngaphandle. +
10 “‘Akumele ulale nendodakazi yendodana yakho noma nendodakazi yendodakazi yakho, ngoba bangubunqunu bakho.
11 “‘Akumele ulale nendodakazi yomkayihlo, inzalo kayihlo, ngoba ingudadewenu.
12 “‘Akumele ulale nodadewabo kayihlo. Uyisihlobo segazi sikayihlo. +
13 “‘Akumele ulale nodadewabo kanyoko, ngoba uyisihlobo segazi sikanyoko.
14 “‘Akumele uthele umfowabo kayihlo ngehlazo* ngokulala nomkakhe. Unguyihlokazi. +
15 “‘Akumele ulale nomalokazana wakho. + Ungumkandodana yakho, akumele ulale naye.
16 “‘Akumele ulale nomkamfowenu + ngoba lokho kuwukuthela umfowenu ngehlazo.*
17 “‘Akumele ulale nowesifazane nendodakazi yakhe. + Akumele uthathe indodakazi yendodana yakhe nendodakazi yendodakazi yakhe ukuze ulale nayo. Bayizihlobo zakhe eziseduze; yihlazo.*
18 “‘Akumele uthathe owesifazane kanye nodadewabo umenze inkosikazi eyimbangi + futhi ulale naye udadewabo esaphila.
19 “‘Akumele usondele kowesifazane ngesikhathi kuphuma ukungcola kokuya esikhathini ukuze ulale naye. +
20 “‘Akumele ulale nomfazi womunye umuntu,* uzingcolise. +
21 “‘Akumele uvumele noma iyiphi inzalo yakho ukuba inikelwe kuMoloki. + Akumele ungcolise igama likaNkulunkulu wakho ngaleyo ndlela. + NginguJehova.
22 “‘Akumele ulale nowesilisa ngendlela olala ngayo nowesifazane. + Kuyinto enyanyekayo.
23 “‘Owesilisa akumele alale nesilwane azingcolise ngaso, nowesifazane akufanele aye esilwaneni ukuze alale naso. + Kuwukweqa umthetho wemvelo.
24 “‘Ningazingcolisi nganoma yini kulezi zinto, ngoba izizwe engizixosha phambi kwenu zizingcolise ngazo zonke lezi zinto. + 25 Ngakho izwe lingcolile, ngizolijezisa ngenxa yesiphambeko salo, futhi leli zwe lizobahlanza* abakhe kulo. + 26 Kodwa nina kumele nigcine imithetho yami nezinqumo zami zokwahlulela, + akumele nenze noma yini kulezi zinto ezinyanyekayo, kungakhathaliseki ukuthi ngowokuzalwa noma isifiki esihlala phakathi kwenu. + 27 Ngoba abantu ababehlala kuleli zwe ngaphambi kwenu bazenza zonke lezi zinto ezinyanyekayo, + manje izwe lingcolile. 28 Ngenxa yalokho, izwe ngeke kudingeke linihlanze ngenxa yokulingcolisa ngendlela efanayo nelizohlanza ngayo izizwe ezibe khona ngaphambi kwenu. 29 Uma noma ubani enza noma iyiphi yalezi zinto ezinyanyekayo, bonke abazenzayo kumele babulawe.* 30 Kumele nigcine isibopho senu kimi ngokungenzi noma yiliphi emasikweni anyanyekayo ayenziwa ngaphambi kwenu, + ukuze ningazingcolisi ngawo. NginguJehova uNkulunkulu wenu.’”