INCWADI YESIHLANU
(AmaHubo 107–150)
107 Bongani uJehova, ngoba muhle; +
Uthando lwakhe oluqotho luhlala kuze kube phakade. +
2 Abakhululwe nguJehova mabasho kanjalo,
Labo abakhulule esandleni sesitha, +
3 Labo ababuthele ndawonye bevela emazweni, +
Empumalanga nasentshonalanga,
Enyakatho naseningizimu. +
4 Bazulazula ehlane, ogwadule;
Abayitholanga indlela yokuya edolobheni ababengahlala kulo.
5 Babelambile futhi bomile;
Bephelelwe amandla ngenxa yokukhathala.
6 Babelokhu bekhala kuJehova ekucindezelekeni kwabo; +
Wabakhulula osizini lwabo. +
7 Wenza ukuba bahambe endleleni efanele +
Ukuze bafike edolobheni ababengahlala kulo. +
8 Abantu mabambonge uJehova + ngenxa yothando lwakhe oluqotho
Nangenxa yemisebenzi yakhe emangalisayo ayenzele abantwana babantu. +
9 Ngoba umanelisile owomile
Wasuthisa olambile ngezinto ezinhle. +
10 Abanye babehlala ebumnyameni,
Iziboshwa zihlupheka, ziboshwe ngezinsimbi.
11 Ngoba babedlubulundile ezwini likaNkulunkulu;
Iseluleko soPhezukonke babesidelelile. +
12 Ngakho wathobisa izinhliziyo zabo ngobunzima; +
Bakhubeka, kungekho noyedwa ozobasiza.
13 Bacela usizo kuJehova ekucindezelekeni kwabo;
Wabasindisa osizini lwabo.
14 Wabakhipha ebumnyameni,
Wagqashula ngisho namaketanga abo. +
15 Abantu mabambonge uJehova ngenxa yothando lwakhe oluqotho +
Nangenxa yemisebenzi yakhe emangalisayo ayenzele abantwana babantu.
16 Ngoba uyiphulile iminyango yethusi
Wasika nemigoqo yensimbi. +
17 Babeyiziwula behlupheka +
Ngenxa yeziphambeko zabo nezono zabo. +
18 Izinhliziyo zabo zazimnyama bengakufuni ukudla;
Basondela emasangweni okufa.
19 Babecela usizo kuJehova ekucindezelekeni kwabo;
Wayebasindisa osizini lwabo.
20 Wayethumela izwi lakhe abaphulukise +
Wayebakhulula emigodini ababevaleleke kuyo.
21 Abantu mabambonge uJehova ngenxa yothando lwakhe oluqotho
Nangenxa yemisebenzi yakhe emangalisayo ayenzele abantwana babantu.
22 Mabanikele imihlatshelo yokubonga +
Bamemezele imisebenzi yakhe ngokumemeza kwenjabulo.
23 Labo abahamba olwandle ngemikhumbi,
Abahwebelana emanzini amaningi, +
24 Bayibonile imisebenzi kaJehova
Nemisebenzi yakhe emangalisayo ekujuleni kolwandle; +
25 Indlela akhipha ngayo izwi abangele ukuba kube nesiphepho, +
Aphakamise amagagasi olwandle.
26 Bakhuphukela esibhakabhakeni;
Behlele phansi ekujuleni kolwandle.
Bayesaba ngenxa yenhlekelele ezayo.
27 Bayadiyazela bakhubeke njengomuntu odakiwe,
Wonke amakhono abo awasizi ngalutho. +
28 Khona-ke bakhala kuJehova ekucindezelekeni kwabo, +
Abakhulule osizini lwabo.
29 Uthulisa isivunguvungu;
Amagagasi olwandle ayathula. +
30 Bayajabula lapho ethula,
Uyabahola abayise ethekwini abalithandayo.
31 Abantu mabambonge uJehova ngenxa yothando lwakhe oluqotho
Nangenxa yemisebenzi yakhe emangalisayo ayenzele abantwana babantu. +
32 Mabamdumise ezixukwini ezibuthene, +
Mabamdumise lapho kuhlangene khona amadoda amadala.
33 Uphendula imifula ibe ugwadule
Neziphethu zamanzi zibe umhlabathi owomile, +
34 Izwe elivundile libe yizwe elinosawoti elingatheli, +
Ngenxa yobubi balabo abahlala kulo.
35 Uphendula ugwadule lube amachibi amanzi anomhlanga,
Nezwe elomile libe yiziphethu zamanzi. +
36 Ubangela abalambile ukuba bahlale kulo, +
Ukuze bakhe idolobha abazohlala kulo. +
37 Balima amasimu batshale nezihlahla zamagilebhisi +
Ezithela inala yezithelo. +
38 Uyababusisa bande kakhulu;
Akavumi ukuba izinkomo zabo zinciphe. +
39 Kodwa bayaphinda babe mbalwa bahlazeke
Ngenxa yokucindezelwa, inhlekelele nosizi.
40 Uthobisa izicukuthwane
Azenze zizulazule ehlane elingenazindlela. +
41 Kodwa uyabavikela abampofu ekucindezelweni +
Andise imindeni yabo ibe mningi njengomhlambi.
42 Abaqotho bayakubona lokhu bajabule; +
Kodwa bonke abangalungile bavala imilomo yabo. +
43 Noma ubani ohlakaniphile uyozibona lezi zinto +
Uyocabangisisa ngezenzo zikaJehova zothando oluqotho. +