UHezekeli
6 Izwi likaJehova laphinde lafika kimi, lithi: 2 “Ndodana yomuntu, phendulela ubuso bakho ngasezintabeni zakwa-Israyeli uprofethe ngokumelene nazo. 3 Kumele uthi, ‘O zintaba zakwa-Israyeli, yizwani izwi leNkosi EnguMbusi uJehova: Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo ezintabeni, emagqumeni, emifudlaneni nasezigodini: “Bheka! Ngizoletha inkemba imelane nani, ngizozibhubhisa izindawo zenu eziphakeme. 4 Ama-altare enu azophihlizwa, izinti zenu zezitsha zempepho zizophulwa, + ababulewe benu ngizobaphonsa phansi phambi kwezithixo zenu ezinyanyekayo. *+ 5 Ngizobeka izidumbu zabantu bakwa-Israyeli phambi kwezithixo zabo ezinyanyekayo, ngisakaze amathambo enu nxazonke zama-altare enu. + 6 Kuzo zonke izindawo enihlala kuzo, amadolobha azokwenziwa incithakalo, + nezindawo eziphakeme zibhidlizwe futhi zingaphinde zibe khona. + Ama-altare enu azophihlizwa abe izicucu, izithixo zenu ezinyanyekayo zizoshabalala, izinti zenu zezitsha zempepho ziphulwe, nemisebenzi yenu iqedwe. 7 Nalabo ababulewe bazowela phakathi kwenu, + futhi nizokwazi ukuthi nginguJehova. +
8 “ ‘ “Kodwa ngizokwenza kube khona abazosala, ngoba abanye benu bazophunyuka enkembeni phakathi kwezizwe, lapho nihlakazekela kuwo wonke amazwe. + 9 Labo abaphunyukayo bayongikhumbula bephakathi kwezizwe abathunjelwe kuzo. + Bayobona ukuthi ngezwa ubuhlungu ngenxa yenhliziyo yabo engathembekile* eyangijikela + nangenxa yamehlo abo afisa izithixo zabo ezinyanyekayo. + Bayoba namahloni futhi benyanye zonke izinto ezimbi nezinyanyekayo abazenzile. + 10 Bayokwazi ukuthi nginguJehova nokuthi bengiqinisile uma ngithi ngizobalethela inhlekelele.” ’ +
11 “Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo: ‘Shaya izandla zakho ushaye phansi ngezinyawo,* ulile ngenxa yazo zonke izinto ezimbi nezinengekayo ezenziwa yindlu ka-Israyeli, ngoba izowa ngenkemba, ngendlala nangesifo esiwumshayabhuqe. + 12 Okude uyobulawa isifo esiwumshayabhuqe, oseduze uyobulawa ngenkemba, kuthi nanoma ubani osele osinde kulezi zinto abulawe indlala; ngiyolukhiphela kuyo lonke ulaka lwami. + 13 Niyokwazi ukuthi nginguJehova, + lapho ababulewe bayo sebelala phakathi kwezithixo zabo ezinyanyekayo, nxazonke zama-altare abo, + phezu kwawo wonke amagquma aphakeme, kuzo zonke iziqongo zezintaba, ngaphansi kwazo zonke izihlahla eziluhlaza nangaphansi kwamagatsha ezihlahla ezinkulu, lapho benze khona iminikelo enephunga elimnandi ukuze bajabulise zonke izithixo zabo ezinyanyekayo. + 14 Ngiyokwelula isandla sami simelane nabo, ngenze izwe libe incithakalo, zonke izindawo abahlala kuzo ziyoba incithakalo ukwedlula ihlane elingaseDibhila. Bayokwazi ukuthi nginguJehova.’ ”