U-Obadiya
Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo ngo-Edomi: +
“Sizwe umbiko ovela kuJehova,
Kuthunyelwe isithunywa phakathi kwezizwe:
‘Vukani, masilungele ukuyolwa naye.’ ” +
3 Ukugabadela kwenhliziyo yakho kukukhohlisile, +
Wena ohlala endaweni yokucasha esedwaleni,
Ohlala endaweni ephakeme, uthi enhliziyweni yakho,
‘Ubani oyongehlisela phansi emhlabeni?’
4 Ngisho noma wenza indawo yakho iphakame* njengokhozi
Noma ubeka isidleke sakho phakathi kwezinkanyezi,
Ngiyokwehlisa lapho,” kusho uJehova.
Bebengeke yini bantshontshe lokho abakufunayo kuphela?
Noma ukube bekungafika abavuni bamagilebhisi kuwe,
Bebengeke yini bashiye amanye ukuze kukhothozwe? +
6 Yeka indlela u-Esawu afunisiswe ngayo!
Yeka indlela ingcebo yakhe efihliwe ecingisiswe ngayo!
7 Bakuxoshile bakuyisa emngceleni.
Bonke abangani bakho* bakukhohlisile.
Amadoda anokuthula nawe akunqobile.
Labo abadla nawe isinkwa bayobeka inethi ngaphansi kwakho,
Kodwa wena uyofana nomuntu ongenakho ukuqonda.
8 Ngalolo suku,” kusho uJehova,
“Ngeke yini ngibabhubhise abahlakaniphile kwa-Edomi +
Nokuqonda ezintabeni zakwa-Esawu?
9 Amaqhawe akho ayokwesaba kakhulu, + Themani, +
Ngoba iqhawe ngalinye ezintabeni zakwa-Esawu liyobhujiswa. +
11 Ngosuku owamela ngalo eceleni,
Ngosuku izihambi ezathumba ngalo ibutho lakhe, +
Lapho abantu bezinye izizwe bengena esangweni lakhe benza inkatho + ngeJerusalema,
Wenza ububi obufana nobabo.
12 Akufanele uluhleke usuku umfowenu ehlelwa ngalo ishwa, +
Akufanele ujabule ngabantu bakwaJuda ngosuku lokushabalala kwabo, +
Akufanele ubenze inhlekisa ngosuku lwabo lokucindezeleka.
13 Akufanele ungene esangweni labantu bami ngosuku lwenhlekelele yabo, +
Akufanele uhleke usuku ehlelwe ngalo inhlekelele,
Akufanele ubeke izandla zakho engcebweni yakhe ngosuku lwenhlekelele yakhe. +
14 Akufanele ume empambanweni yemigwaqo ukuze ubulale abaphunyukile bakhe, +
Akufanele unikele ngabasindile bakhe ngosuku losizi. +
15 Ngoba luseduze usuku lukaJehova lokumelana nazo zonke izizwe. +
Indlela owenze ngayo, kuyokwenziwa ngayo nakuwe. +
Indlela ophathe ngayo abanye, nawe uyophathwa ngayo.
16 Ngoba indlela eniphuze ngayo entabeni yami engcwele,
Zonke izizwe ziyoqhubeka ziphuza ngayo njalo. +
Ziyophuza ziminye,
Kube sengathi azikaze zibe khona.
17 Kodwa abaphunyukile bayoba seNtabeni iZiyoni, +
Iyoba ngcwele; +
Indlu kaJakobe iyothatha izinto zabo. +
18 Indlu kaJakobe iyoba umlilo,
Indlu kaJosefa ibe ilangabi,
Indlu ka-Esawu ibe njengezinhlanga;
Bayozithungela ngomlilo bazishwabadele,
Akekho oyosinda endlini ka-Esawu, +
Ngoba uJehova ngokwakhe ukhulumile.
Bayothatha indawo ka-Efrayimi nendawo yaseSamariya, +
UBhenjamini uyothatha iGileyadi.
20 Abadingisiwe bakule ndawo enesivikelo esiqinile, +
Okungabantu bakwa-Israyeli, bayothatha izwe lamaKhanani kuze kufike eZarefati. +
Abadingisiwe baseJerusalema, ababeseSefaradi, bayothatha amadolobha aseNegebhi. +