UZakariya
9 Isimemezelo:
“Izwi likaJehova limelene nezwe laseHadiraki,
—Ngoba uJehova ubeke iso lakhe kubantu +
Nakuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli—
2 Limelene naneHamati, + elisemngceleni walo,
Limelene naneThire + neSidoni, + ngoba ahlakaniphe kakhulu. +
3 IThire lazakhela indunduma yokuvikela.*
Lanqwabelanisa isiliva njengothuli
Negolide njengodaka olusemigwaqweni. +
4 Bheka! UJehova uyoliphuca ifa,
Uyoshaya ibutho lalo lempi alifake olwandle; +
Liyoshwabadelwa umlilo. +
5 I-Ashikeloni liyokubona lokhu lesabe;
IGaza nalo liyozwa usizi olunzima,
Ne-Ekroni, ngoba ithemba lalo liyahlazeka.
Kuyoshabalala inkosi eGaza,
I-Ashikeloni ngeke lihlalwe muntu. +
7 Ngiyozisusa izinto ezinindwe yigazi emlonyeni wakhe
Nezinto ezinyanyisayo emazinyweni akhe,
Uyoshiyelwa uNkulunkulu wethu;
Uyoba njengomholi kwaJuda, +
Ne-Ekroni libe njengomJebusi. +
8 Ngizomisa itende ngaphandle kwendlu yami ngiyiqaphe, *+
Ukuze kungabikho muntu onqamulayo nobuyayo;
Akukho nduna yomsebenzi* eyophinde inqamule, +
Ngoba ngikubonile* ngamehlo ami.
9 Jabula kakhulu ndodakazi yaseZiyoni.
Memeza ngokuthokoza ndodakazi yaseJerusalema.
Iphezu kwethole lembongolo,* inkonyane yembongolokazi. +
10 Ngizoyisusa inqola yempi kwa-Efrayimi
Nehhashi eJerusalema.
Umnsalo wempi uyosuswa.
Iyomemezela ukuthula ezizweni; +
Iyobusa kusukela olwandle kuze kube solwandle
11 Kodwa wena wesifazane, ngegazi lesivumelwano sakho,
Ngiyozikhipha iziboshwa zakho emgodini ongenamanzi. +
12 Buyelani esiphephelweni, nina ziboshwa ezinethemba. +
Ngiyakutshela namuhla,
‘Ngiyokubuyisela isabelo esiphindwe kabili + wena wesifazane.
13 Ngiyomgobisa* uJuda njengomnsalo wami.
Ngizofaka u-Efrayimi emnsalweni,*
Ngivuse amadodana akho Ziyoni,
Amelane namadodana akho, Grisi,
Ngikwenze ube njengenkemba yeqhawe.’
14 UJehova uyobonisa ukuthi unawo,
Umcibisholo wakhe uyophuma njengombani.
INkosi EnguMbusi uJehova iyoshaya uphondo, +
Iyohamba nezivunguvungu zaseningizimu.
Ayophuza abange umsindo njengokungathi aphuze iwayini;
Ayogcwala njengesitsha,
Njengamakhona e-altare. +
16 UJehova uNkulunkulu wawo uyowasindisa ngalolo suku
Njengomhlambi wabantu bakhe; +
Ngoba ayoba njengamatshe ayigugu omqhele abenyezela phezu kwenhlabathi yakhe. +
Ukudla newayini elisha kuyokwenza izinsizwa nezintombi zibe namandla. +”