UZakariya
3 Ngaboniswa uJoshuwa + umpristi ophakeme emi phambi kwengelosi kaJehova, noSathane + emi ngakwesokudla sakhe ukuze amelane naye. 2 Khona-ke ingelosi kaJehova yathi kuSathane: “Kwangathi uJehova angakukhuza, Sathane, + yebo, kwangathi uJehova okhethe iJerusalema + angakukhuza! Lona akasona yini isikhuni esivuthayo esihlwithwe emlilweni?”
3 UJoshuwa wayegqoke izingubo ezingcolile emi phambi kwengelosi. 4 Ingelosi yathi kulabo ababemi lapho: “Mkhumuleni izingubo ezingcolile.” Yabe isithi kuye: “Bheka, ngisisusile isiphambeko* sakho kuwe, uzogqokiswa izingubo ezinhle.” *+
5 Khona-ke ngathi: “Makathweswe iduku lokushuqula elihlanzekile ekhanda.” + Bamthwesa iduku lokushuqula elihlanzekile ekhanda, bamgqokisa izingubo; ingelosi kaJehova yayimi ngakuye. 6 Ingelosi kaJehova yathi kuJoshuwa: 7 “Yilokhu uJehova wamabutho akushoyo, ‘Uma uzohamba ezindleleni zami, ufeze umthwalo wakho engikunikeze wona, khona-ke uyoba ngumahluleli endlini yami, + unakekele* amagceke ami; ngiyokunika ilungelo lokungena ngokukhululekile phakathi kwalaba abami lapha.’
8 “ ‘O Mpristi Ophakeme Joshuwa, ngicela ulalele, wena nabangani bakho abahlala phambi kwakho, ngoba la madoda ayisibonakaliso; bheka! ngiletha inceku yami + ebizwa ngokuthi uHlumela! + 9 Bheka itshe engilibeke phambi kukaJoshuwa! Etsheni kunamehlo ayisikhombisa; ngiqopha umbhalo kulo,’ kusho uJehova wamabutho, ‘icala lalelo zwe ngizolisusa ngosuku olulodwa.’ +
10 “ ‘Ngalolo suku,’ kusho uJehova wamabutho, ‘yilowo nalowo uyomema umakhelwane wakhe ukuba eze ngaphansi kwesihlahla sakhe samagilebhisi nangaphansi kwesihlahla sakhe somkhiwane.’ ” +