94 O Nkulunkulu wempindiselo, Jehova, +
O Nkulunkulu wempindiselo, khanya!
2 Phakama, Mahluleli womhlaba. +
Phindisela kwabaziphakamisayo ngokwalokho okubafanele. +
3 Kuyoze kube nini, Jehova,
Kuyoze kube nini abantu ababi belokhu bethokoza? +
4 Bakhuluma bengacabanganga nangokuziphakamisa;
Bonke abenzi bokubi bayaqhosha.
5 O Jehova, balimaza abantu bakho, +
Bacindezela ifa lakho.
6 Babulala umfelokazi nesifiki,
Babulala nezintandane.
7 Bathi: “UJah akaboni; +
UNkulunkulu kaJakobe akazi ukuthi kwenzekani.” +
8 Qondani lokhu, nina eningacabangi;
Nina ziphukuphuku, niyoba nini nokuqonda? +
9 Owadala indlebe, akakwazi yini ukuzwa?
Lowo owabumba iso, akakwazi yini ukubona? +
10 Lowo oqondisa izizwe, ngeke yini ajezise? +
NguYe onika abantu ulwazi! +
11 UJehova uyayazi imicabango yabantu,
Ukuthi iwumoya nje okhishwa ngamakhala. +
12 O Jah, iyajabula indoda oyiqondisayo, +
Oyifundisa umthetho wakho, +
13 Ukuze uyinike ukuthula ngezinsuku zenhlekelele,
Kuze kube yilapho omubi egujelwa igodi. +
14 UJehova ngeke abashiye abantu bakhe, +
Noma ashiye ifa lakhe. +
15 Ngoba isahlulelo sizophinde sibe nobulungisa,
Bonke abanezinhliziyo eziqotho bayosilandela.
16 Ubani oyongimela phambi kwababi?
Ubani oyongimela kwabenza okubi?
17 Ukube uJehova ubengangisizi,
Bengiyoshabalala ngokushesha. +
18 Lapho ngithi: “Unyawo lwami luyashelela,”
Jehova, uthando lwakho oluqotho lwalulokhu lungisekela. +
19 Lapho ngikhungethwe yizinkathazo,
Wangiduduza wangenza ngazola. +
20 Isihlalo sobukhosi senkohlakalo singahlotshaniswa yini nawe
Kuyilapho sidala izinkinga egameni lomthetho? +
21 Bahlasela olungile ngonya +
Bakhipha isigwebo sokuba ongenacala abulawe. +
22 Kodwa uJehova uzoba yindawo yami yokuphephela,
UNkulunkulu wami uyidwala lami lokuphephela. +
23 Uzokwenza ukuba izenzo zabo ezimbi zehlele kubo. +
Uzobabulala ngokubehlisela ububi babo.
UJehova uNkulunkulu uzobabulala. +