Eyokuqala KwabaseThesalonika
1 UPawulu, uSilvanu *+ noThimothewu + kini bandla labaseThesalonika elimunye noNkulunkulu uBaba neNkosi uJesu Kristu:
Kwangathi ningathola umusa omkhulu* nokuthula.
2 Ngaso sonke isikhathi siyambonga uNkulunkulu lapho sikhuluma ngani nonke emithandazweni yethu, + 3 ngoba sihlale siwukhumbula umsebenzi wenu eniwenza ngokholo, ukushikashikeka kwenu ngothando nokukhuthazela kwenu ngenxa yethemba eninalo + eNkosini yethu uJesu Kristu phambi kukaNkulunkulu noBaba wethu. 4 Ngoba, bazalwane abathandwa uNkulunkulu, siyakwazi ukunikhetha kwakhe, 5 ngoba izindaba ezinhle esizishumayelayo azifikanga kini ngenkulumo yodwa kodwa futhi ngamandla nangomoya ongcwele futhi nabona indlela esasiqiniseka ngayo ukuthi lokhu esakumemezela kini kwakuyiqiniso, njengoba nje nazi ukuthi saba luhlobo luni lwabantu phakathi kwenu ngenxa yenu. 6 Naba ngabalingisi bethu + nabeNkosi, + njengoba namukela izwi ngaphansi kosizi olukhulu + ngenjabulo evezwa umoya ongcwele, 7 ngakho naba yisibonelo kuwo wonke amakholwa aseMakedoniya nase-Akhaya.
8 Iqiniso liwukuthi, akukhona nje kuphela ukuthi izwi likaJehova* elivela kini liye lazwakala eMakedoniya nase-Akhaya, kodwa ukholo lwenu kuNkulunkulu luye lwasakazeka kabanzi ezindaweni zonke, + kangangokuthi akudingeki sisho lutho. 9 Ngoba bona ngokwabo bayaqhubeka bebika ngokuxhumana kwethu nani okokuqala nendlela enaphendukela ngayo kuNkulunkulu nishiya izithixo zenu + ukuze nibe yizinceku zikaNkulunkulu ophilayo noweqiniso, 10 futhi nilindele iNdodana yakhe evela emazulwini, + ayivusa kwabafile, okungukuthi, uJesu, osikhulula olakeni oluzayo. +