Genesise
46 Ngakho u-Israyeli wathatha konke ayenakho* wahamba. Lapho efika eBheri-sheba, + wanikela imihlatshelo kuNkulunkulu kayise u-Isaka. + 2 Ngemva kwalokho uNkulunkulu wakhuluma no-Israyeli embonweni ebusuku wathi: “Jakobe, Jakobe!” yena wathi: “Ngilapha!” 3 Wathi: “NginguNkulunkulu weqiniso, uNkulunkulu kayihlo. + Ungesabi ukwehlela eGibhithe, ngoba lapho ngizokwenza ube isizwe esikhulu. + 4 Mina ngokwami ngizokwehlela nawe eGibhithe ngiphinde ngikubuyise, + uJosefa uyokuvala amehlo lapho ufa.”* +
5 Ngemva kwalokho uJakobe wasuka eBheri-sheba, amadodana ka-Israyeli athutha uJakobe uyise nabantwana bawo nomkawo ngezinqola uFaro ayezithumele ukuba zimthuthe. 6 Bathatha imihlambi yabo nezimpahla zabo, ababekuqongelele ezweni laseKhanani. Bafika eGibhithe, uJakobe nayo yonke inzalo yakhe eyayikanye naye. 7 Waya eGibhithe namadodana akhe nabazukulu bakhe namadodakazi akhe—yonke inzalo yakhe.
8 Lawa amagama amadodana ka-Israyeli +—uJakobe namadodana akhe—aya eGibhithe: Izibulo likaJakobe kwakunguRubeni. +
9 Amadodana kaRubeni kwakunguHanoki, uPhalu, uHezironi noKarmi. +
10 Amadodana kaSimeyoni + kwakunguJemuweli, uJamini, u-Ohadi, uJakini, uZohari noShawule + indodana yowesifazane ongumKhanani.
11 Amadodana kaLevi + kwakunguGereshoni, uKohati noMerari. +
12 Amadodana kaJuda + kwakungu-Eri, u-Onani, uShela, + uPherezi + noZera. + Nokho, u-Eri no-Onani bafela ezweni laseKhanani. +
Amadodana kaPherezi kwaba uHezironi noHamule. +
13 Amadodana ka-Isakare kwakunguThola, uPhuva, u-Iyobhi noShimroni. +
14 Amadodana kaZebhuloni + kwakunguSeredi, u-Eloni noJahaliyeli. +
15 Lawa amadodana kaLeya, awazalela uJakobe ePhadani-aramu, kanye nendodakazi yakhe uDina. + Esewonke amadodana namadodakazi kaJakobe ayengu-33.
16 Amadodana kaGadi + kwakunguZifiyoni, uHagi, uShuni, u-Eziboni, u-Erayi, u-Arodi no-Areli. +
17 Amadodana ka-Asheri + kwakungu-Imna, u-Ishiva, u-Ishivi, uBheriya, udadewabo kwakunguSera.
Amadodana kaBheriya kwakunguHebhere noMalikhiyeli. +
18 Lawa amadodana kaZilipha, + lowo uLabani amnika indodakazi yakhe uLeya. Wamzalela laba uJakobe: Izingane ezingu-16* sezizonke.
19 Amadodana omkaJakobe uRaheli kwakunguJosefa + noBhenjamini. +
20 Ezweni laseGibhithe uJosefa wazalelwa uManase + no-Efrayimi, + ezalelwa u-Asenati + indodakazi kaPotifera umpristi wase-Oni.*
21 Amadodana kaBhenjamini + kwakunguBhela, uBhekeri, u-Ashibheli, uGera, + uNahamani, u-Ehi, uRoshe, uMuphimi, uHuphimi + no-Arida. +
22 Lawa amadodana kaRaheli awazalela uJakobe: Izingane ezingu-14* sezizonke.
23 Indodana* kaDani + kwakunguHushimi. +
24 Amadodana kaNafetali + kwakunguJahaziyeli, uGuni, uJezeri noShilemi. +
25 Lawa amadodana kaBhiliha, lowo uLabani amnika indodakazi yakhe uRaheli. Wamzalela laba uJakobe: Izingane* eziyisikhombisa sezizonke.
26 Bonke labo abayinzalo kaJakobe abaya naye eGibhithe, ngaphandle kwabafazi bamadodana akhe, babengu-66. + 27 Amadodana kaJosefa azalelwa wona eGibhithe ayemabili. Bonke abantu bendlu kaJakobe abaya eGibhithe babengu-70. +
28 UJakobe wathumela uJuda + ngaphambili ukuba ayotshela uJosefa ukuthi usendleleni eya eGosheni. Lapho befika ezweni laseGosheni, + 29 uJosefa wathumela ukuba kulungiswe inqola yakhe wayesekhuphuka eyohlangabeza u-Israyeli uyise eGosheni. Lapho efika kuye wamanga* ngaso leso sikhathi wakhala isikhathi esithile.* 30 U-Israyeli wathi kuJosefa: “Manje sengingafa; sengibubonile ubuso bakho, sengiyazi ukuthi uyaphila.”
31 UJosefa wabe esethi kubafowabo nakwabomndeni kayise: “Mangikhuphuke ngiyobika kuFaro + ngithi kuye, ‘Abafowethu nabantu bomndeni kababa ababesezweni laseKhanani sebefikile lapha kimi. + 32 La madoda angabelusi, + afuyile + futhi imihlambi yawo nakho konke anakho eze nako lapha.’ + 33 Lapho uFaro enibiza, enibuza ethi, ‘Uyini umsebenzi wenu?’ 34 nina kumele nithi, ‘Izinceku zakho bezilokhu zifuyile kusukela ebusheni bazo kuze kube manje, kokubili thina nokhokho bethu,’ + ukuze nihlale ezweni laseGosheni, + ngoba bonke abelusi bezimvu bayenyanyeka kumaGibhithe.” +