Levitikusi
8 UJehova waqhubeka ekhuluma noMose, ethi: 2 “Thatha u-Aroni kanye namadodana akhe, + izingubo, + amafutha okugcoba, + inkunzi yomnikelo wesono, izinqama ezimbili nobhasikidi wesinkwa esingenamvubelo, + 3 uqoqele ndawonye yonke inhlangano emnyango wetende lokuhlangana.”
4 UMose wenza njengoba nje uJehova ayemyalile, inhlangano yaqoqana ndawonye emnyango wetende lokuhlangana. 5 UMose wathi enhlanganweni: “Yilokhu uJehova asiyale ukuba sikwenze.” 6 UMose wasondeza u-Aroni namadodana akhe wabageza ngamanzi. + 7 Ngemva kwalokho wamgqokisa ingubo, + wambhincisa ibhande lendwangu, *+ wamgqokisa ijazi elingenamikhono, + wamfaka i-efodi + wambhincisa nebhande elilukiwe + le-efodi walibopha laqina. 8 Wabe esemfaka isiqephu sesifuba + wafaka esiqeshini sesifuba i-Urimi neThumimi. + 9 Wamthwesa iduku lokushuqula, + wabeka ngaphambi kweduku lokushuqula ucwecwe olucwebezelayo lwegolide, uphawu olungcwele lokuzinikezela, *+ njengoba nje uJehova ayemyalile uMose.
10 UMose wabe esethatha amafutha okugcoba wagcoba itabernakele nakho konke okwakukulo, + wakungcwelisa. 11 Ngemva kwalokho wafafaza amanye awo e-altare kasikhombisa, wagcoba i-altare nazo zonke izinto zalo nendishi nento ehlala kuyo ukuze akungcwelise. 12 Ekugcineni wathela amanye amafutha okugcoba ekhanda lika-Aroni, wamgcoba ukuze amngcwelise. +
13 UMose wayesesondeza amadodana ka-Aroni wawagqokisa izingubo, wawabhincisa amabhande endwangu, wawashuqulisa, + njengoba nje uJehova ayemyalile uMose.
14 Wabe eseletha inkunzi yomnikelo wesono, u-Aroni namadodana akhe babeka izandla zabo enhloko yenkunzi yomnikelo wesono. + 15 UMose wayihlaba, wathatha igazi + ngomunwe walibheca ezimpondweni nxazonke ze-altare, wahlanza i-altare esonweni, kodwa lonke elinye igazi walithululela phansi e-altare ukuze alingcwelisele ukwenza isihlawulelo kulo. 16 Ngemva kwalokho, wathatha wonke amanoni asemathunjini, amafutha asesibindini, nezinso zombili namanoni azo, uMose wakushunqisa e-altare. + 17 Wayala ukuba ingxenye esele yenkunzi, isikhumba sayo, inyama yayo nomswani wayo kushiswe ngomlilo ngaphandle kwekamu, + njengoba nje uJehova ayemyalile uMose.
18 Wabe esesondeza inqama yomnikelo oshiswayo, u-Aroni namadodana akhe babeka izandla zabo enhloko yenqama. + 19 Ngemva kwalokho uMose wayihlaba, wafafaza igazi nxazonke ze-altare. 20 Wayihlahlela inqama ngokwezingxenye zayo, uMose washunqisa inhloko nalezi zingxenye nomhlwehlwe.* 21 Amathumbu namanqina wawageza ngamanzi, wayeseyishunqisa yonke le nqama e-altare. Yayingumnikelo oshiswayo oyiphunga elimnandi.* Yayingumnikelo oshiswa emlilweni oya kuJehova, njengoba nje uJehova ayemyalile uMose.
22 Wabe eseletha inqama yesibili, inqama yokumiswa kompristi, + u-Aroni namadodana akhe babeka izandla zabo enhloko yale nqama. + 23 UMose wayihlaba, wathatha elinye igazi layo waligcoba endlebeni ka-Aroni yesokudla nasesithupheni sesandla sakhe sokudla nakubhozo wonyawo lwakhe lwesokudla. 24 Ngemva kwalokho uMose waletha amadodana ka-Aroni wagcoba elinye igazi ezindlebeni zawo zesokudla nasezithupheni zezandla zawo zesokudla nakobhozo bezinyawo zawo zesokudla; kodwa uMose wafafaza lonke elinye igazi nxazonke ze-altare. +
25 Wathatha amanoni, umsila ononile, wonke amanoni asemathunjini, amafutha asesibindini, izinso zombili namafutha azo nomlenze wesokudla. + 26 Wathatha kubhasikidi wesinkwa esingenamvubelo owawuphambi kukaJehova ulofu owodwa wesinkwa omise okwesongo, + ulofu owodwa wesinkwa omise okwesongo oxutshwe namafutha, + nocezwana olulodwa lwesinkwa. Wayesekubeka phezu kwamaqatha anonile nomlenze wesokudla. 27 Ngemva kwalokho wakubeka konke ezandleni zika-Aroni nasezandleni zamadodana akhe, waqala ukukuzulisa njengomnikelo ozuliswayo phambi kukaJehova. 28 UMose wabe esekuthatha ezandleni zabo wakushunqisa e-altare phezu komnikelo oshiswayo. Kwakuwumhlatshelo wokumiswa kompristi oyiphunga elimnandi.* Kwakuwumnikelo oya kuJehova oshiswa emlilweni.
29 UMose wathatha isifuba wasizulisa njengomnikelo ozuliswayo phambi kukaJehova. + Kwaba esikaMose esivela emnikelweni wokumiswa kompristi, njengoba nje uJehova ayemyalile uMose. +
30 UMose wathatha amanye amafutha okugcoba + nelinye igazi elalise-altare walifafaza ku-Aroni nasezingutsheni zakhe nasemadodaneni akhe + nasezingutsheni zamadodana akhe. Ngakho wamngcwelisa u-Aroni nezingubo zakhe namadodana akhe nezingubo zawo. +
31 UMose wabe esethi ku-Aroni namadodana akhe: “Bilisani + inyama emnyango wetende lokuhlangana, nizoyidlela lapho nesinkwa esikubhasikidi wokumiswa kompristi, njengoba nje ngayalwa, kwathiwa, ‘U-Aroni namadodana akhe bayokudla.’ + 32 Inyama esele nesinkwa nizokushisa ngomlilo. + 33 Akumele niphume emnyango wetende lokuhlangana izinsuku eziyisikhombisa, kuze kuphele izinsuku zokumiswa kwenu njengabapristi, ngoba ukumiswa kwenu njengabapristi kuzothatha izinsuku eziyisikhombisa. + 34 UJehova wayala ukuba senze lokhu esikwenzile namhlanje ukuze nenzelwe isihlawulelo. + 35 Nizohlala emnyango wetende lokuhlangana ubusuku nemini izinsuku eziyisikhombisa, + nifeze isibopho senu kuJehova, + ukuze ningafi; ngoba ngiyalwe kanjalo.”
36 U-Aroni namadodana akhe bazenza zonke izinto uJehova ayeziyale ngoMose.