Genesise
25 U-Abrahama waphinda wathatha umfazi, igama lakhe kwakunguKetura. 2 Ngemva kwesikhathi wamzalela uZimrani, uJokishani, uMedani, uMidiyani, + u-Ishibaki noShuwahi. +
3 UJokishani wazala uSheba noDedani.
Amadodana kaDedani kwakungu-Ashurimi, uLetushimi noLewumimi.
4 Amadodana kaMidiyani kwakungu-Efa, u-Eferi, uHanoki, u-Abida no-Elidaha.
Wonke lawa kwakungamadodana kaKetura.
5 Kamuva u-Abrahama wanika u-Isaka konke ayenakho, + 6 kodwa u-Abrahama wawapha izipho amadodana akhe ayewazalelwe izancinza zakhe. Wabe esewayisa ngasempumalanga, wawasusa ku-Isaka indodana yakhe, + aya ezweni laseMpumalanga. 7 Iminyaka eyaphilwa u-Abrahama yaba ngu-175. 8 Ngemva kwalokho u-Abrahama waphefumula okokugcina futhi wafa esegugile impela, esemdala, anelisekile, bamngcwaba njengoba bangcwaba abantu bakubo.* 9 Amadodana akhe u-Isaka no-Ishmayeli amngcwaba emhumeni waseMakaphela ensimini ka-Efroni indodana kaZohari umHeti, phambi kwaseMamre, + 10 insimu u-Abrahama ayeyithenge emadodaneni kaHeti. Wangcwatshwa lapho u-Abrahama nomkakhe uSara. + 11 Ngemva kokufa kuka-Abrahama, uNkulunkulu waqhubeka eyibusisa indodana yakhe u-Isaka + futhi u-Isaka wayehlala eduze kwaseBheri-lahayi-royi. +
12 Lona umlando ka-Ishmayeli + indodana ka-Abrahama, uHagari + umGibhithe, incekukazi kaSara, amzalela u-Abrahama.
13 Yilawa amagama amadodana ka-Ishmayeli, ngokwendabuko yemindeni yawo: izibulo lika-Ishmayeli uNebhayoti + bese kuba uKhedari, + u-Adibeli, uMibisamu, + 14 uMishima, uDuma, uMasa, 15 uHadadi, uThema, uJethuri, uNafishi noKhedema. 16 Lawa amadodana ka-Ishmayeli futhi lawa amagama awo ngokwezindawo zawo zokuhlala nangokwamatende awo,* izikhulu ezingu-12 ngokwemindeni yazo. + 17 U-Ishmayeli waphila iminyaka engu-137. Ngemva kwalokho waphefumula okokugcina wayesefa, bamngcwaba njengoba bangcwaba abantu bakubo.* 18 Bahlala kusukela eHavila + eduze kwaseShuri, + esondelene neGibhithe, kuze kufike e-Asiriya. Wahlala eduze kwabo bonke abafowabo.* +
19 Lona umlando ka-Isaka indodana ka-Abrahama. +
U-Abrahama wazala u-Isaka. 20 U-Isaka wayeneminyaka engu-40 ubudala lapho eshada uRebheka, indodakazi kaBhetuweli + umAramu wasePhadani-aramu, udadewabo kaLabani umAramu. 21 U-Isaka wayelokhu ecela kuJehova mayelana nomkakhe, ngoba wayeyinyumba; ngakho uJehova wasiphendula isicelo sakhe, umkakhe uRebheka wakhulelwa. 22 Amadodana ayewakhulelwe aqala ukulwa, + waze wathi: “Uma izinto zinje, kungani kufanele ngiqhubeke ngiphila?” Ngenxa yalokho wabuza kuJehova. 23 UJehova wathi kuye: “Kukhona izizwe ezimbili esibelethweni sakho, + abantu ababili bazohlukaniswa ngaphakathi kuwe; + esinye isizwe siyoba namandla kunesinye, + omdala uyokhonza omncane.” +
24 Lapho kufika isikhathi sokuba abelethe, kwakukhona amawele esibelethweni sakhe. 25 Owokuqala waphuma ebomvu yonke indawo enjengengubo yoboya, + ngakho bamqamba ngokuthi u-Esawu.* + 26 Ngemva kwalokho kwaphuma umfowabo, isandla sakhe sibambe isithende sika-Esawu, + ngakho bamqamba ngokuthi uJakobe.* + U-Isaka wayeneminyaka engu-60 ubudala lapho uRebheka ebazala.
27 Abafana bakhula, u-Esawu waba umzingeli onekhono, + indoda yasendle, kodwa uJakobe wayeyindoda engasoleki, ehlala ematendeni. + 28 U-Isaka wayethanda u-Esawu, ngoba lokho kwakusho ukuthi uzodla inyama yenyamazane, kuyilapho uRebheka yena ayethanda uJakobe. + 29 Ngesinye isikhathi uJakobe wayebilisa isitshulu lapho u-Esawu ebuya endle ekhathele kakhulu. 30 U-Esawu wathi kuJakobe: “Ngicela usheshise ungiphe kancane isitshulu* esibomvu lapho,* ngoba ngikhathele ngiyingcuba!”* Yingakho igama lakhe kwakungu-Edomi.* + 31 UJakobe wathi: “Qale ungidayisele ilungelo lakho lobuzibulo!” + 32 U-Esawu waqhubeka: “Bheka sengizofa! Lingisiza ngani ilungelo lobuzibulo?” 33 UJakobe wanezela: “Funga kimi kuqala!” Wayesefunga kuye walidayisela uJakobe ilungelo lakhe lobuzibulo. + 34 UJakobe wabe esenika u-Esawu isinkwa nesitshulu sikabhontshisi,* wadla waphuza, wayesesukuma wahamba. Walidelela kanjalo-ke u-Esawu ilungelo lobuzibulo.