Levitikusi
26 “‘Ningazenzeli onkulunkulu abangasizi ngalutho, + ningazimiseli umfanekiso obaziwe + noma insika engcwele, ningabeki umfanekiso owenziwe ngetshe + ezweni lenu ukuze niwukhothamele; + nginguJehova uNkulunkulu wenu. 2 Kufanele nigcine amasabatha ami nihloniphe indlu* yami engcwele. NginguJehova.
3 “‘Uma niqhubeka nihamba ngemithetho yami, nigcina imiyalo yami futhi niyenza, + 4 ngiyoninika izihlambi zemvula ngesikhathi sazo esifanele, + izwe liyoninika isivuno salo, + izihlahla zensimu ziyothela. 5 Inkathi yenu yokubhula iyoqhubeka kuze kube sekuvuneni amagilebhisi, ukuvunwa kwamagilebhisi kuyoqhubeka kuze kube inkathi yokuhlwanyela; niyodla isinkwa senu nize naneliseke futhi nihlale ngokulondeka ezweni lenu. + 6 Ngiyobeka ukuthula ezweni, + niyolala kungabi bikho muntu onesabisayo; + ngiyoqeda izilwane zasendle eziyingozi ezweni, inkemba yempi ngeke idabule ezweni lenu. 7 Nakanjani niyozixosha izitha zenu, ziwe phambi kwenu ngenkemba. 8 Abahlanu kini bayoxosha abangu-100, nabangu-100 kini baxoshe abangu-10 000 futhi izitha zenu ziyowa ngenkemba phambi kwenu. +
9 “‘Ngiyonibonisa umusa* nginenze nizale futhi nginandise, + ngiyosigcina isivumelwano sami nani. + 10 Niyothi nisadla ukudla okudala konyaka owandulele, kudingeke nikhiphe okudala ukuze ningenise okusha. 11 Ngiyobeka itabernakele lami phakathi kwenu, + ngeke nginilahle. 12 Ngiyohamba phakathi kwenu ngibe uNkulunkulu wenu, + nina niyoba abantu bami. + 13 NginguJehova uNkulunkulu wenu, owanikhipha ezweni labaseGibhithe ukuze ningabe nisaba izigqila zabo, ngaphula imigoqo yejoka lenu ngenza ukuba nikwazi ukuhamba niphakamise amakhanda.*
14 “‘Nokho, uma ningeke ningilalele noma nigcine yonke le miyalo, + 15 uma nenqaba imithetho yami, + uma nenyanya izinqumo zami zokwahlulela ningayenzi yonke imiyalo yami, niphule isivumelwano sami, + 16 mina ngiyokwenza lokhu okulandelayo kini: Ngiyonijezisa ngokucindezeleka, ngesifo sofuba nemfiva, ngenze amehlo enu afiphale nokuphila kwenu kuwohloke. Imbewu yenu niyomane niyihlwanyelele ize ngoba izitha zenu ziyoyidla. + 17 Ngiyomelana nani futhi izitha zenu ziyonehlula; + abanizondayo bayoninyathela, + nibaleke kube kungekho muntu onixoshayo. +
18 “‘Uma ngisho nalokhu kunganenzi ukuba ningilalele, kuyomelwe nginijezise kasikhombisa ngenxa yezono zenu. 19 Kuyomelwe ngiphule ukuziqhenya kwenu, ngenze amazulu enu abe njengensimbi + nomhlaba wenu ube njengethusi. 20 Niyokhandlekela ize ngoba umhlaba wenu ngeke ukhiqize, + nezihlahla zomhlaba ngeke zithele.
21 “‘Kodwa uma niqhubeka nihamba ngokumelene nami, nenqaba ukungilalela, kuyomelwe nginishaye kasikhombisa ngokwezono zenu. 22 Ngiyothumela izilwane zasendle phakathi kwenu, + ziyoniphuca abantwana, + ziqede imfuyo yenu, zinciphise isibalo senu, izindlela zenu zingabi namuntu. +
23 “‘Uma ningangivumeli nginiqondise naphezu kwalezi zinto + futhi niphikelela ngokuhamba ngokumelene nami, 24 nami ngiyohamba ngokumelene nani, mina ngokwami ngiyonishaya kasikhombisa ngenxa yezono zenu. 25 Ngiyoletha phezu kwenu inkemba yokuphindisela ngenxa yokuphula isivumelwano. + Uma niqoqanela emadolobheni enu, ngiyothumela isifo phakathi kwenu, + ninikelwe esandleni sesitha. + 26 Lapho ngibhidliza izindawo* enigcina kuzo isinkwa, *+ abesifazane abayishumi bayobhaka isinkwa senu kuhhavini owodwa bese bekala isisindo sesinkwa senu; + niyodla kodwa ngeke nisuthe. +
27 “‘Uma ningeke ningilalele naphezu kwalokhu, niphikelela ngokuhamba ngokumelene nami, 28 ngiyomelana kakhulu nani, + mina ngokwami kuyomelwe nginijezise kasikhombisa ngenxa yezono zenu. 29 Ngakho kuyomelwe nidle inyama yamadodana enu futhi niyodla inyama yamadodakazi enu. + 30 Ngiyoziqothula izindawo zenu eziphakeme ezingcwele + nginqume izinti zenu zempepho, ngibeke izidumbu zenu phezu kwezidumbu zezithixo zenu ezinyanyekayo, *+ futhi ngiyonifulathela ngoba nginenyanya. + 31 Amadolobha enu ngiyowanikela enkembeni, + ngenze izindlu zenu ezingcwele zibe incithakalo, futhi ngeke ngiwahogele amaphunga amnandi* emihlatshelo yenu. 32 Mina ngokwami ngiyokwenza izwe libe incithakalo, + izitha zenu ezihlala kulo ziyoligqolozela ngokumangala. + 33 Ngiyonihlakaza phakathi kwezizwe, + ngihoshe inkemba emgodleni nginilandele; + izwe lenu liyokwenziwa incithakalo, + namadolobha enu aqothulwe.
34 “‘Ngaleso sikhathi izwe liyokhokha amasabatha alo zonke izinsuku zokuba kwalo incithakalo, kuyilapho nina nisezweni lezitha zenu. Ngaleso sikhathi izwe liyophumula,* njengoba kuyomelwe likhokhe amasabatha alo. + 35 Liyophumula zonke izinsuku eliyincithakalo ngazo, ngenxa yokuthi aliphumulanga phakathi namasabatha enu lapho nihlala kulo.
36 “‘Ngokuqondene nalabo abasindayo, + ngiyokwenza izinhliziyo zabo ziphelelwe ithemba emazweni ezitha zabo; umsindo weqabunga eliphephukayo uyobenza babaleke, bayobaleka njengomuntu obalekela inkemba, bawe kungekho obaxoshayo. + 37 Bayokhubana bodwa njengalabo ababalekela inkemba, nakuba kungekho muntu obaxoshayo. Ngeke nikwazi ukumelana nezitha zenu. + 38 Niyoshabalala phakathi kwezizwe, + izwe lezitha zenu linishwabadele. 39 Labo abasele bayobolela emazweni ezitha zenu + ngenxa yesiphambeko senu. Impela, bayobola baphele ngenxa yeziphambeko zawoyise. + 40 Ngemva kwalokho, bayosivuma isiphambeko sabo, + nesiphambeko nokungathembeki koyise bavume ukuthi baziphathe ngokungathembeki ngokuhamba ngokumelene nami. + 41 Nami ngahamba ngokumelene nabo + ngokubaletha ezweni lezitha zabo. +
“‘Mhlawumbe ngaleso sikhathi inhliziyo yabo enenkani iyothotshiswa, + bese bekhokha isiphambeko sabo. 42 Ngiyosikhumbula isivumelwano sami noJakobe, + nesivumelwano sami no-Isaka, + ngiyokhumbula nesivumelwano sami no-Abrahama, + nezwe ngiyolikhumbula. 43 Ngesikhathi belishiyile izwe, lalikhokha amasabatha alo, + lihleli liyincithakalo ngaphandle kwabo, bona babekhokha ngenxa yesiphambeko sabo, ngoba bazinqaba izinqumo zami zokwahlulela futhi bayenyanya imithetho yami. + 44 Kodwa naphezu kwakho konke lokhu, uma nje besesezweni lezitha zabo, angisoze ngabalahla ngokuphelele + noma ngibachithe ngezinga lokuthi ngize ngibaqothule, okuyinto eyokwephula isivumelwano sami + nabo, ngoba nginguJehova uNkulunkulu wabo. 45 Ngenxa yabo ngiyosikhumbula isivumelwano engasenza nokhokho babo + engabakhipha ezweni laseGibhithe phambi kwamehlo ezizwe, + ukuze ngibe uNkulunkulu wabo. NginguJehova.’”
46 Lezi yiziqondiso, izinqumo zokwahlulela nemithetho uJehova ayimisa phakathi kwakhe nama-Israyeli eNtabeni iSinayi ngoMose. +