U-Isaya
21 Isimemezelo ngokumelene nehlane lolwandle: *+
Inhlekelele iza njengesiphepho esiqhamuka eningizimu,
Iza ivela ehlane, ezweni elesabekayo. +
2 Kunombono onzima engiwutsheliwe:
Umkhohlisi uyakhohlisa,
Nombhubhisi uyabhubhisa.
Khuphuka Elamu! Vimbezela Mediya! +
Ngizokuqeda konke ukububula elikubangele. *+
3 Yingakho ngisezinhlungwini ezinzima. *+
Ngibanjwe yimihelo,
Njengowesifazane obelethayo.
Ngicindezeleke kakhulu kangangokuthi angizwa;
Ngiphazamiseke kakhulu kangangokuthi angiboni.
4 Inhliziyo yami iphela amandla; ngiyaqhaqhazela ngenxa yokwesaba.
Ukuhwalala ebengikufisa kuyangesabisa.
5 Lungisani itafula, nihlele izihlalo!
Yidlani, niphuze! +
Sukumani, nina zikhulu, nigcobe amahawu!*
6 Ngoba yilokhu uJehova akushilo kimi:
“Hamba umise umqaphi ukuba abike lokho akubonayo.”
Wabhekisisa ngokunaka okukhulu.
8 Wamemeza njengebhubesi, wathi:
“O Jehova, ngimi njalo phezu kwenqaba yokuqapha emini,
Ngisendaweni yami yokuqapha ubusuku bonke. +
9 Bheka:
Kuza amadoda egibele inqola yempi edonswa amahhashi!” +
Wabe esekhuluma wathi:
“Liwile! IBhabhiloni liwile! +
Yonke imifanekiso ebaziwe yonkulunkulu balo uyiphihlize yawela emhlabathini!” +
10 O bantu bami ababhuliwe,
Nginibikele lokho engikuzwe kuJehova wamabutho, uNkulunkulu ka-Israyeli.
11 Isimemezelo ngokumelene neDuma:*
Kukhona ongimemezayo eseSeyiri: +
“Mlindi, sekuyasa yini?
Mlindi, sekuyasa yini?”
12 Umlindi wathi:
“Sekuyasa, kuzophinde kuhlwe.
Uma nifuna ukubuza, buzani.
Niphinde nibuye!”
13 Isimemezelo ngokumelene nethafa eliwugwadule:
14 Lethani amanzi ukuze nihlangabeze owomile,
Nina enihlala ezweni laseThema, +
Nimphathele isinkwa obalekayo.
15 Ngoba babalekile ngenxa yezinkemba, ngenxa yenkemba ehoshiwe,
Ngenxa yomnsalo onsaliwe, nangenxa yempi enonya.
16 Ngoba yilokhu uJehova akushilo kimi: “Phakathi nonyaka nje kuphela, njengonyaka wesisebenzi esiqashiwe,* yonke inkazimulo yeKhedari + iyophela. 17 Abaphatha umnsalo abasele emaqhaweni aseKhedari, bayoba mbalwa, ngoba uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, ukhulumile.”