‘Ngimi Phezu Kwenqabayokulinda’
“Wayesememeza, wathi: Nkosi yami, ngimi njalo emini embhoshongweni [“phezu kwenqabayokulinda,” NW] wami, ngihlezi ngisemlindelweni nasebusuku bonke.”—ISAYA 21:8.
1, 2. (a) Imuphi umgomo uCharles T. Russell ayenawo? (b) Izincwadi zeBhayibheli zaziyosiza kanjani ekufezeni umgomo wakhe?
INDODA eneminyaka engama-21 eyesaba uNkulunkulu ehlala enyakathompumalanga ye United States yake yathunywa. Umgomo wayo kwakuwukudalula izimfundiso zenkolo yamanga zosuku lwayo, ikakhulukazi izimfundiso zokuhlushwa phakade nokunqunyelwa kusengaphambili. Futhi, yayifuna ukulwela iqiniso ngesihlengo kanye nesisusa nendlela yokuza kukaKristu. Yayizokwenza kanjani konke lokhu? Ngokukhanyisa isibani seZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli eliNgcwele, ezinkolelweni zenkolo.—IHubo 43:3; 119:105.
2 Leyondoda kwakunguCharles T. Russell, umongameli wokuqala weWatch Tower Society, futhi ngo-1873 wanquma ukukhipha izincwadi zenkolo njengendlela yokuletha obala ukukhanya kweqiniso leBhayibheli. Kubafundi abaqotho, lezozincwadi zaziyombula izimfa ezimfundisweni zeLobukholwa. Noma iziphi izici ezingokwemfundiso ezifihliwe zazingenakukucashela ukukhanya kweBhayibheli okunamandla. (Efesu 5:13) Ngesikhathi esifanayo, lezincwadi zaziyokhanyisa ‘isifundiso esiphilileyo’ ukuze zakhe ukholo lwabafundi. (Thithu 1:9; 2:11; 2 Thimothewu 1:13) Ingabe intshiseko yeqiniso leBhayibheli eyayishukumisa uRussell emsebenzini wakhe yayinaso isandulela?—Qhathanisa neyesi-2 AmaKhosi 19:31.
AmaKristu Okuqala: Abalweli BeZwi LikaNkulunkulu
3. UKristu Jesu wasibeka kanjani isibonelo sokulwela iqiniso?
3 AmaKristu ekhulu lokuqala alwela ukusetshenziswa kweZwi likaNkulunkulu phakathi kwamaJuda nabeZizwe. Ama njengokungathi ami phezu kwenqabayokulinda, ememezela iqiniso kubo bonke ababeyokuzwa. (Mathewu 10:27) UMholi wawo, uJesu Kristu, wabeka isibonelo. Wathi: “Ngizalelwe lokho, ngafi-kela lokho ezweni ukuba ngifakazele iqiniso.” (Johane 18:37) Nakuba ayephelele, wenqaba ukuthembela ekuhlakanipheni kwakhe siqu noma emibonweni yakhe. Kunalokho, izimfundiso zakhe zazivela kuMfundisi wakhe oPhakeme, uJehova uNkulunkulu. Watshela iqembu lamaJuda: “Angenzi-lutho ngokwami, kodwa ngikhuluma lokhu njengalokhu uBaba engifundisile.” (Johane 8:28; bheka futhi uJohane 7:14-18.) Ngokokulandisa kwamaVangeli ngenkonzo yakhe yasemhlabeni, uJesu wacaphuna (noma wakhuluma amaphuzu afanayo) ezinkulumweni ezingaba yingxenye yezincwadi zemiBhalo yesiHeberu.—Luka 4:18, 19; (Isaya 61:1, 2); Luka 23:46 (IHubo 31:5).
4. Nikeza izibonelo zendlela uJesu asebenzisa ngayo iZwi likaNkulunkulu ekufundiseni iqiniso?
4 Ngisho nangemva kokufa nokuvuka kwakhe, uKristu wayesasebenzisa iZwi likaNkulunkulu ekufundiseni iqiniso. Ngokwesibonelo, lapho uKleyophase nomngane wakhe besuka eJerusalema beya e-Emawuse, uJesu wasiza labo bafundi ukuba bacabange ngemiBhalo. Ukulandisa kuthi: “Wayesethathela kuMose nakubaprofethi bonke, wabachasisela emibhalweni okuqondene naye.” (Luka 24:25-27) Kamuva ngalo lolosuku, uJesu wabonakala kubaphostoli abayi-11 nabanye babafundi bakhe ezokwakha ukholo lwabo. Kanjani? Ngokusebenzisa imiBhalo ngekhono. ULuka uyabhala: “Khona wayesevula [uJesu] ingqondo yabo, ukuze baqonde imibhalo. Wathi kubo: Kulotshiwe kanje ukuthi uzakuhlupheka uKristu, avuke kwabafileyo ngosuku lwesithathu.”—Luka 24:45, 46.
5. NgePentekoste lika-33 C.E., uPetru wasilandela kanjani isibonelo sikaKristu ekusebenziseni imiBhalo?
5 Lilandela iSibonelo salo, ngonyaka ka-33 C.E. ibandla lobuKristu laqala inkolo yalo yasobala ngokusebenzisa imiBhalo. Isethulo: indawo evulekile engaphandle kwendlu eJerusalema. Ngemva kokuzwa umsindo ‘wokuvunguza komoya onamandla’ phezu kwalendlu, isixuku sezinkulungwane zamaJuda aseJerusalema nezihambeli ezingamaJuda ziya kulendawo futhi zihlangana khona. UPetru uyasondela—abanye abaphostoli abayi-11 bamzungezile—futhi ngezwi elinamandla uqala ukukhuluma: “Madoda akwaJuda nani nonke enakhileyo eJerusalema, makwazeke lokhu kini, nibeke indlebe emazwini ami.” Khona-ke eveza “okwakhulunywa ngomprofethi uJoweli” nalokho ‘okushiwo uDavide,’ uPetru uchaza isimangaliso esisanda kwenzeka nokuthi “uNkulunkulu umenzile iNkosi noKristu uJesu lo enambethela nina esiphambanweni.”—IzEnzo 2:2, 14, 16, 25, 36.
6. (a) Chaza lokho okwenzeka emhlanganweni wendikimba ebusayo yekhulu lokuqala. (b) Amabandla aziswa kanjani ngesinqumo sendikimba ebusayo, futhi kwaba nayiphi inzuzo?
6 Lapho amaKristu okuqala edinga ukwaziswa okuchasisayo ngokholo nokuziphatha, indikimba ebusayo yekhulu lokuqala yayisebenzisa kahle futhi imiBhalo. Ngokwesibonelo, emhlanganweni wendikimba ebusayo ngonyaka ka-49 C.E., umfundi uJakobe, enjengosihlalo, ugxilisa ukunakekela kwabo embhalweni ohambisana nodaba otholakala kuAmose 9:11, 12. Uthi: “Madoda, bazalwane, ngilaleleni. USimeyoni uselandile ngokuhlela kukaNkulunkulu ekuqaleni ukuba athathele igama lakhe isizwe kubo abezizwe. Namazwi abaprofethi ayavumelana nalokho, njengalokho kulotshiwe.”’ (IzEnzo 15:13-17) Yonke indikimba yavumelana nombono kaJakobe yayisiloba isinqumo sayo esisekelwe ngokombhalo ukuze sithunyelwe kuwo wonke amabandla futhi asifunde. Yaba yini imiphumela? AmaKristu “athokoza ngenduduzo yayo,” futhi “amabandla aqiniswa ekukholweni, anda ngobuningi imihla ngemihla.” (IzEnzo 15:22-31; 16:4, 5) Ngakho, ibandla lamaKristu okuqala laba “insika nesisekelo seqiniso.” Kodwa kuthiwani ngomlando wanamuhla? Ingabe uC. T. Russell nabafundi beBhayibheli ababekanye naye babeyosilingisa lesibonelo esihle, sekhulu lokuqala? Babeyolilwela kanjani iqiniso?—1 Thimothewu 3:15.
Omagazini Abanombono Ofinyelela Kude
7. (a) Yayiyini injongo yeZion’s Watch Tower? (b) Yakulindela kubani ukusekelwa?
7 UJuly 1879 waba ukuqala kwenqola eyinhloko kaRussell yokukhanyiselwa ngeBhayibheli—iZion’s Watch Tower and Herald of Christ’s Presence. Isiboniselo sayo sokuqala sabeka injongo ephakeme yalomagazini: “Njengoba igama layo libonisa, ihlose ukuba yinqaba okuzomenyezelwa kuyo izindaba ezithakazelisayo nezizuzisayo ‘emhlanjini omncane,’ nanjenge‘Simemezelo Sokuba Khona KukaKristu’ [Herald of Christ’s Presence], unikeza ‘inyama ngesikhathi sayo’ ‘kwabendlu yokholo.’” Isisekelo salomagazini kwakuyithemba kuNkulunkulu umninimandla onke. Isiboniselo sawo sesibili sathi: “Sikholelwa ukuthi i‘Zion’s Watch Tower’ isekelwa UJEHOVA, futhi njengoba lokhu kunjalo ngeke inxuse noma incenge abantu ukuba bayisekele. Uma Lowo othi: ‘Lonke igolide nesiliva lezintaba ngelami,’ ehluleka ukulungiselela izimali ezidingekayo, siyobona ukuthi sekuyisikhathi sokuvala lencwadi.”
8. Chaza ukukhula kweNqabayokulinda ngokucabangela uIsaya 60:22 noZakariya 4:10.
8 IZion’s Watch Tower, manje okuyiNqabayokulinda, iye yakhishwa ngokunganqamuki iminyaka engaphezu kwe-107. Iye yakhula isuka ekubeni umagazini ophuma kanye ngenyanga wamakhophi ayizi-6 000 anyatheliswa ngolimi olulodwa kuya kumagazini ophuma kabili ngenyanga wamakhophi ayizi-12 315 000 atholakala ngezilimi eziyi-103.—Qhathanisa noIsaya 60:22; Zakariya 4:10.
9. Kukanjani isihloko esithi Watch Tower sasifaneleka?
9 Isihloko esithi, Watch Tower, sasiwukukhetha okufanelekayo kukaRussell. Igama lesiNgisi elivame ukusetshenziswa emiBhalweni yesiHeberu elithi “watchtower” lichaza “inqaba” noma “indawo yokuhlola,” umlindi angabona kalula isitha sisekude ekuyo futhi amemezele kusengaphambili isixwayiso sokusondela kwengozi. Khona-ke, ngokufanelekayo eminyakeni yayo yokuqala engama-59 ikhishwa, ikhasi elinesihloko lalinalengcaphuno eyinselele ethathwe kuIsaya 21:11, 12: “Mlindi, Isikhathi Sini Sobusuku Na?” “Kuyeza Ukusa.”
10. Ubani okhonza njengomlindi kaIsaya 21:11, futhi isiphi isigijimi asimemezelayo?
10 Ngokushesha umlindi oqaphile wesiprofetho sikaIsaya wayesezothatha esinye isinyathelo. Naphezu kwesimo somhlaba esibi sokuphelelwa ithemba, uRussell wayememezele ngenjabulo izindaba ezinhle ‘zokusa’ okuzayo. UkuBusa kokuthula kukaJesu Kristu kweMinyaka Eyinkulungwane kuwumongo webulletin enhle. Kodwa ngaphambi kokuba “ukusa” kufike, isigaba esikhonza njengomlindi—insali kaIsrayeli ongokomoya namuhla—sixwayisa ngesibindi ngokuqhubeka ‘kobusuku,’ okuzofinyelela isigayegaye sakho “ekulweni kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke” eHarmagedoni.—IsAmbulo 16:14-16.
11, 12. (a) Amazwi akuIsaya 21:8 abonisa kanjani ukuthi isigaba somlindi sithembekile futhi siqaphile? (b) Umbiko wanamuhla uvela kusiphi isithunywa, futhi ngokuyinhloko usakazwa kanjani?
11 Ngaphambili, kuIsaya 21:8, sethulwa kulomlindi othembekile ngalamazwi: “Wayesememeza, wathi: Nkosi yami, ngimi njalo emini embhoshongweni [“phezu kwenqabayokulinda,” NW] wami, ngihlezi ngisemlindelweni nasebusuku bonke.”
12 Ake ubone ngamehlo akho engqondo umlindi omi enqabeni ephakeme, egobela phambili, esinga umkhathizwe phakathi nosuku, ezama ukubona ebumnyameni phakathi nobusuku—uhlala eqaphile. Manje usunawo umqondo oyinhloko odluliselwa igama lesiHeberu elisho “inqabayokulinda” (mits·pehʹ) njengoba lisetshenziswe kuIsaya 21:8. Njengoba umlindi eqaphe kangaka, ubani onengqondo ephilayo ongangabaza umbiko wakhe onkenezayo? Ngokufanayo namuhla, isigaba somlindi siye sazikhandla ngokuhlola imiBhalo ukuze sibone lokho uJehova akugcinele lesimiso sezinto. (Jakobe 1:25) Khona-ke lomlindi umemezela lesosigijimi kabanzi nangokungesabi, ikakhulukazi ngamakhasi eNqabayokulinda. (Qhathanisa noAmose 3:4, 8.) Lomagazini awusoze wahlehliswa ukwesaba ekulweleni iqiniso!—Isaya 43:9, 10.
13. Imuphi omunye umagazini owavela ngo-1919, futhi unayiphi injongo efanayo?
13 Ngo-October 1, 1919, kwavela umagazini omusha emhlabeni: iThe Golden Age.a Isigaba somlindi sasizosebenzisa lelithuluzi njengeliwumngane weNqabayokulinda. Nakuba izihloko zawo zazingenakujula ezindabeni zeBhayibheli njengalezo zeNqabayokulinda, wawuyoqaphelisa isintu ngezimfundiso zenkolo yamanga, imbubhiso ezayo yesimiso esibi samanje sezinto, kanye nangomhlaba omusha wokulunga ozolandela. Yebo, nawo ngokufanayo wawuyolwela iqiniso!
14. Yayiyini injongo yeConsolation, futhi kamuva iPhaphama!?
14 Eminyakeni eyishumi nesishiyagalombili kamuva igama leThe Golden Age la shintshelwa ekubeni iConsolation. Umagazini kaOctober 6, 1937, wathi: “Igama elisha limelele iqiniso.” Ngomagazini ka-August 22, 1946, iConsolation yaba iPhaphama! Lowomagazini wathembisa: “Ubuqotho eqinisweni buzoba umgomo ophakeme kakhulu walomagazini.” Kuze kube namuhla, awuzange wehluleke ukugcina leso sithembiso. Ngendlela evelele, INqabayokulinda nePhaphamal ziphakamisela phezulu isibonakaliso seqiniso ukuze sibonwe yibo bonke. Ngokwenza kanjalo, labomagazini balandela indlela eyahlahlwa ibandla lamaKristu okuqala.—3 Johane 3, 4, 8.
INqabayokulinda NePhaphama!: Abalweli Beqiniso
15. (a) Iyiphi indlela yokwaba ukudla okungokomoya namuhla efana naleyo yasebandleni lamaKristu okuqala? (b) Ngaphandle kokucaphuna amavesi eBhayibheli, yini enye edingekayo? Nikeza izibonelo.
15 Isigaba “senceku ethembekileyo neqondayo,” “umlindi,” namuhla sisebenzisa umagazini weNqabayokulinda ngaphansi kokuqondisa kweNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova njengomzila waso oyinhloko wokwaba ‘ukudla okungokomoya ngesikhathi sakho.” (Mathewu 24:45) Lokhu kulandela isibonelo sebandla lekhulu lokuqala, elaloba ukwaziswa okuchasisayo ngemfundiso nokuziphatha ‘ukuze kufundelwe bonke abazalwane.’ (1 Thesalonika 5:27) Kusukela ekuqaleni kwayo INqabayokulinda ibilokhu ingumagazini osebenzisa iBhayibheli nofundisa ngeBhayibheli. Ngokwesibonelo, umagazini wokuqala weZion’s Watch Tower wacaphuna izingcaphuno ezingaphezu kwama-200 okungenani ezincwadini zeBhayibheli ezingama-30. Kodwa kudingeka okwengeziwe kunokumane kucashunwe amavesi eBhayibheli nje. Abantu badinga usizo ukuze bawaqonde. Ngaso sonke isikhathi INqabayokulinda iye yathuthukisa ukuqonda iBhayibheli. Kusukela ngo-1892 kuya ku-1927 umagazini ngamunye wawunokufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke kanye nengxoxo yombhalo oyinhloko ovela ekufundweni ngakunye. Ukuze uthole ezinye izibonelo, bheka ishadi elinesihloko esithi “Izihloko ZeNqabayokulinda Eziqopha Umlando, Amashumi Ngamashumi Eminyaka.”
16, 17. Yini umlobi wokuqala weNqabayokulinda ayenza ukuze aqiniseke ukuthi lomagazini wawuyolwela iqiniso leBhayibheli ngaso sonke isikhathi?
16 INqabayokulinda yayizobulondoloza kanjani ubumsulwa besigijimi sayo esilotshiwe? Umlobi wokuqala walomgazini, uC. T. Russell, wamisa imithetho yokuqinisekisa ukuthi lokho okwakunyatheliswa kuNqabayokulinda kwakuyiqiniso njengoba laliqondakala ngalesosikhathi. Omunye waleyomithetho ulotshwe encwadini yakhe yefa eyalotshwa ngoJune 27, 1907. (URussell wafa ngo-October 31, 1916.) Incwadi yakhe yefa ithi:
“Ngiqondisa ukuthi wonke umsebenzi wokuloba iZION’S WATCH TOWER uzoba sezandleni zekomiti labazalwane abayisihlanu, engibanxusa ukuba bacophelele kakhulu futhi bathembeke eqinisweni. Zonke izihloko ezivela emakhasini eZION’S WATCH TOWER zizothola imvume ephelele okungenani yabathathu ekomitini labayisihlanu, futhi nginxusa ukuba uma noma iyiphi indaba evunywe abathathu yaziwa noma icatshangelwa ukuthi iyaphikisana nemibono yoyedwa noma ababili bamanye amalungu ekomiti, izihloko ezinjalo ziyolengiswa ukuba zicatshangelwe, zibekwe ngomthandazo futhi kuxoxwe ngazo izinyanga ezintathu ngaphambi kokuba zikhishwe—ukuze ubunye bokholo nezibopho zokuthula kulondolozwe ngangokunokwenzeka ekusingathweni kokulotshwa kwalomagazini.”
17 Ilungu ngalinye leKomiti Labalobi, ngokwencwadi kaRussell yefa, kwakumelwe “lithembeke ngempela ezimfundisweni zemiBhalo” futhi kwakumelwe libonise “ubumsulwa bokuphila, ukuba sobala eqinisweni, intshiseko ngoNkulunkulu, uthando ngabazalwane nokwethembeka kuMhlengi, njengezimfanelo ezivelele.” Futhi, uRussell waphawula ukuthi “akusoze nangayiphi indlela kuboniswe ukuthi izihloko ezihlukahlukene ezivela kulomagazini zilotshwe ngubani . . . ukuze iqiniso liqashelwe futhi laziswe ngobuhle balo siqu, futhi iNkosi iqashelwe ngokukhetheke ngokwengeziwe njengeNhloko yebandla noMthombo weqiniso.”
18. Kungani singafunda INqabayokulinda nePhaphama! ngethemba?
18 Kuze kube namuhla iNdikimba Ebusayo ilandela imithetho efanayo. Isihloko ngasinye kokubili kuNqabayokulinda nePhaphama! nakuwo wonke amakhasi, kuhlanganise nemifanekiso, kucutshungulwa amalungu akhethiwe eNdikimba Ebusayo ngaphambi kokuba kunyatheliswe. Ngaphezu kwalokho, labo abasiza ekulobeni izihloko zeNqabayokulinda bangabadala abangamaKristu abakuqaphelayo ukubaluleka kwesabelo sabo. (Qhathanisa neyesi-2 IziKronike 19:7.) Basebenzisa amahora amaningi behlola iBhayibheli neminye imithombo yokwaziswa ukuze baqiniseke ukuthi lokho okulotshiwe kuyiqiniso futhi kulandela imiBhalo ngokwethembeka. (UmShumayeli 12:9, 10; 2 Thimothewu 1:13) Akukhona okungavamile ukuba isihloko esisodwa somagazini—ongasifunda ngemizuzu eyi-15—sithathe kusukela emasontweni amabili kuya esikhathini esingaphezu kwenyanga ukusilungiselela.
19. Yini ongayenza ukuze ulwele iqiniso leBhayibheli?
19 Ngakho-ke, INqabayokulinda nePhaphama! ungayifunda ngethemba. Kodwa ungenza okwengeziwe. Unganikeza abanye labomagazini ngentshiseko ukuze nabo bafunde iqiniso futhi bazuze ekuzweni izigijimi ‘zomlindi omi phezu kwenqabayokulinda.’ (Isaya 21:8) Yebo, ukanye nomlindi wosuku lwanamuhla, nawe futhi ungalilwela iqiniso leBhayibheli.
[Umbhalo waphansi]
a Ngokuthakazelisayo, isembozo sangaphandle seThe Golden Age saqale sabadumaza abanye abafundi. Kubo sasibonakala sivame kakhulu. Ekuphenduleni umbiko wonyaka weWatch Tower Society wathi: “Kulokhu singathanda ukusho ukuthi ngesikhathi lomagazini iThe Golden Age uqala kwakunesiteleka sabanyathelisi eDolobheni laseNew York nezindawo ezizungezile. Ezinsukwini ezimbalwa nje ngaphambili, kwakwenziwe isivumelwano salomagazini weThe Golden Age futhi amadoda ayesebenza ngemishini eyayisebenzisa uhlobo lwephepha nesembozo okwakusetshenziswe kuwo awazange ateleke. Khona-ke kwaba ngokuqondisa kwaphezulu ukuthi uhlobo lwesembozo nephepha kwase kukhethiwe, ukuba kwakukhethwe olunye wawungeke uqalwe kwanhlobo umagazini. Ngakho-ke kwabonakala ukuthi iNkosi yayiwuthanda lomagazini omusha.”
Uyakhumbula?
◻ Kungani uC. T. Russell aqala ukukhipha izincwadi zeBhayibheli?
◻ AmaKristu okuqala alilwela kanjani iqiniso?
◻ Kungani kunegama elithi “INqabayokulinda” esihlokweni salomagazini?
◻ Ubani “umlindi” wosuku lwanamuhla, futhi iliphi ithuluzi alisebenzisa ngokuyinhloko ukuze andise izwi lakhe?
◻ INqabayokulinda nePhaphama! zililwela kanjani iqiniso leBhayibheli?
[Ishadi ekhasini 13]
Izihloko ZeNqabayokulinda Eziqopha Umlando, Amashumi Ngamashumi Eminyaka
1879: “UNkulunkulu Uluthando”—salwela umhlatshelo wesihlengo kaJesu njengesisekelo sokuhlengwa kwesintu
1879: “Kungani Kwavunyelwa Ububi”—sachaza isizathu sokuba ukuba khona kukaJesu Kristu kube okungabonakali
1880: “Munye Umzimba, Munye Umoya, Linye Ithemba”—sakhomba u-1914 njengokuphela kweZikhathi Zabezizwe
1882: “Inkokhelo Yesono Ingukufa”—sadalula imfundiso yokuhlushwa phakade njengokuphikwa kothando lukaNkulunkulu
1885: “Ukuziphendukela Kwemvelo Nenkathi Yokuhlakanipha”—sadalula imfundiso yokuziphendukela kwemvelo njengama nga
1897: “Ithini ImiBhalo Ngemimoya?”—sanikeza ubufakazi besiqalo semimoya sobudemoni
1902: “UNkulunkulu Kuqala—Ukumisa Kwakhe”—sagcizelela ukulalela umthetho kaNkulunkulu emkhayeni nasebuhlotsheni bezamabhizinisi
1919: “Babusisiwe Abanesibindi”—saletha ukuphila okusha enhlanganweni eyayiphaphama yabakhulekeli abanesibindi
1925: “Ukuzalwa Kwesizwe”—senza zakhanya iziprofetho ezibonisa ukuthi uMbuso kaNkulunkulu wazalwa ngo-1914
1931: “Igama Elisha”—kusukela lapho kuye phambili igama elithi oFakazi BakaJehova laliyohlukanisa amaKristu eqiniso kwelobukholwa elihlubukayo
1935: “Isixuku Esikhulu”—sabonisa ukuthi kwakwenziwa ukuqoqwa kwalabo ababeyophila phakade emhlabeni
1938: “Inhlangano”—sethula ilungiselelo elingokwasezulwini ngempela phakathi koFakazi BakaJehova
1939: “Ukungathathi-Hlangothi”—saqinisa oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke ukuba bamelane nokucindezela kweMpi Yezwe II
1942: “Okuwukuphela Kokukhanya”—sahlaba umkhosi othi “phambili” ukuze umsebenzi woku fakaza ngesibindi uqhubeke
1945: “Ukungantengi Ekukhulekeleni Okuhle”—sabonisa ukuthi amaKristu kumelwe ayeke ukumpontshelwa igazi
1952: “Ukugcina Inhlangano Icocekile”—sabonisa ukuthi ukukhipha kwamabandla ekuhlanganyeleni kungokomBhalo
1962: “Ukuzithoba Phansi ‘Kwamandla Ombuso’—Kungani?”—sanikeza izizathu zokuzithoba okulinganiselwe emandleni omuntu
1973: “Ukugcina Ibandla likaNkulunkulu Licocekile ‘Esikhathini Sokwahlulela Kwakhe’”—sakhuthaza ukugwema ukusetshenziswa kukagwayi
1979: “Ukushisekela Indlu KaJehova”—saphinda sagcizelela ukuthi ukushumayela endlini ngendlu ku landela isibonelo sabaphostoli
1982: “Bathandekayo, . . . Nizigcine Othandweni LukaNkulunkulu”—saqaphelisa amaKristu ngezindlela zokusebenza kwezihlubuki
1983: “Ukuhamba NoNkulunkulu Ezweni Elinobudlova”—saqinisekisa ukuthi amaKristu kumelwe angabi nengxenye ebudloveni
1984: “Isibaya Samuva ‘Sezinye Izimvu’”—sacacisa indlela lesigaba sasemhlabeni esilethwa ngayo ebunyeni nalabo ‘abasesibayeni’ sesivumelwano esisha
1987: “IJubili LobuKristu Lifinyelela Umvuthwandaba Eminyakeni Eyinkulungwane”—sabonisa indlela wonke amaKristu athembekile azuza ngayo inkululeko nokuphila