U-Isaya
“Ungesabi ngoba ngikuhlengile. +
Ngikubize ngegama lakho.
Ungowami.
Uma udabula emlilweni, ngeke ushe,
Nelangabi alisoze lakuhangula.
3 Ngoba nginguJehova uNkulunkulu wakho,
ONgcwele ka-Israyeli, uMsindisi wakho.
Nginikele iGibhithe njengesihlengo sakho,
ITopiya neSeba esikhundleni sakho.
Ngakho ngizonikela abantu esikhundleni sakho
Nezizwe esikhundleni sokuphila kwakho.
6 Ngizothi kuyo inyakatho, ‘Wadedele!’ +
Nakuyo iningizimu, ‘Ungawabambi.
Letha amadodana ami asuka kude, amadodakazi ami asuka emikhawulweni yomhlaba, +
7 Wonke umuntu obizwa ngegama lami +
Engimdalele inkazimulo yami,
Engimbumbile ngamenza.’ +
Ngubani phakathi kwazo ongakusho lokhu?
Noma zingasenza yini sizwe izinto zokuqala? *+
Maziveze ofakazi bazo, ukuze zibonise ukuthi ziqinisile,
Noma mazizwe bese zithi, ‘Kuyiqiniso!’ ” +
10 “Ningofakazi bami,” + kusho uJehova,
“Yebo, inceku yami engiyikhethile, +
Ukuze nazi futhi nibe nokholo kimi*
Niqonde ukuthi ngisenguYe. +
Ngaphambi kwami akukho Nkulunkulu owabunjwa,
Nangemva kwami akekho oyoba khona. +
11 Mina—mina nginguJehova, + ngaphandle kwami akekho umsindisi.” +
12 “Yimi omemezelile, wasindisa futhi wenza ukuba kwaziwe
Ngesikhathi kungekho nkulunkulu wezinye izizwe phakathi kwenu. +
Ngakho ningofakazi bami,” kusho uJehova, “Mina nginguNkulunkulu. +
Lapho ngithatha isinyathelo, akekho ongangivimba.” +
14 Yilokhu uJehova akushoyo, uMhlengi wenu, + oNgcwele ka-Israyeli: +
“Ngenxa yenu ngizothumela ibutho eBhabhiloni ngibangele ukuba kuwe yonke imigoqo yamasango, +
AmaKhaledi, esemikhunjini yawo, ayokhala ecindezelekile. +
15 NginguJehova oNgcwele wenu, + uMdali ka-Israyeli, + iNkosi yenu.” +
16 Yilokhu uJehova akushoyo,
Lowo owenza indlela edabula olwandle
Nomgwaqo odabula emanzini anamandla, +
17 Lowo okhipha inqola yempi nehhashi, +
Ibutho lempi namaqhawe anamandla ngasikhathi sinye, uthi:
“Bazolala phansi bangavuki. +
Bazocinywa, bacinywe njengentambo yelambu evuthayo.”
18 “Ningazikhumbuli izinto zakudala,
Ningalokhu nicabanga ngezinto zesikhathi esidlule.
Aniyiboni yini?
20 Isilwane sasendle sizongidumisa,
Izimpungushe nezintshe,
Ngoba ngiveza amanzi ehlane,
Imifula ogwadule, +
Ukuze ngiphuzise isizwe sami, okhethiwe wami, +
21 Isizwe engizibumbele sona,
Ukuze simemezele ngodumo lwami. +
23 Awuzange ungilethele izimvu zeminikelo yakho eshiswayo ephelele
Noma ungikhazimulise ngemihlatshelo yakho.
Angikuphoqanga ukuba ungilethele isipho,
Angizange ngikukhathaze ngokufuna impepho. +
24 Awungithengelanga umhlanga onephunga elimnandi ngemali yakho,
Awuzange unganelise ngamafutha emihlatshelo yakho. +
Kunalokho, ungithwese umthwalo ngezono zakho
Wangikhathaza ngeziphambeko zakho. +
26 Ngikhumbuze; masiqulisane icala;
Veza olwakho uhlangothi ukuze ubonise ukuthi awunaphutha.