U-Isaya
29 “Maye nge-Ariyeli,* i-Ariyeli, idolobha uDavide akanisa kulo! +
Qhubekani unyaka nonyaka;
Imijikelezo yemikhosi + mayiqhubeke.
2 Kodwa ngizoletha ukucindezeleka e-Ariyeli, +
Kuyoba khona ukukhala nesililo, +
Kimi liyoba njengeziko le-altare likaNkulunkulu. +
3 Ngiyokanisa nxazonke zakho ngikuhlasele,
Ngiyokuvimbezela ngothango lwezigxobo ezicijile
Ngakhe izindonga zokukuvimbezela. +
Izwi lakho liyovela emhlabathini +
Njengezwi losebenzelana nemimoya,
Izwi lakho liyotshiyoza livela othulini.
5 Isixuku sezitha zakho* siyoba njengokusampuphu okucolekile, +
Isixuku sabacindezeli sibe njengamakhoba apheshulwa umoya. +
Kuyokwenzeka ngomzuzwana, ngokuzumayo. +
6 UJehova wamabutho uyokunaka ukuze akukhulule
Ngokuduma, ngokuzamazama nangomsindo omkhulu,
Ngesivunguvungu nesiphepho, nangelangabi lomlilo oqothulayo.” +
7 Isixuku sazo zonke izizwe ezilwa ne-Ariyeli, +
—Bonke labo abalwa nalo,
Imibhoshongo yokulivimbezela,
Nalabo abalilethela ukucindezeleka—
Bayoba njengephupho, umbono wasebusuku.
8 Yebo, kuyoba njengalapho umuntu olambile ephupha edla,
Kodwa avuke elambile,
Nanjengalapho umuntu owomile ephupha ephuza,
Kodwa avuke ekhathele futhi omile.
Kuyokwenzeka kanjalo ngesixuku sazo zonke lezi zizwe
Ezilwa neNtaba iZiyoni. +
Badakiwe kodwa abadakiwe yiwayini;
Bayadiyazela kodwa akungenxa yotshwala.
10 Ngoba uJehova uthululele kini umoya wobuthongo obukhulu; +
Uwavalile amehlo enu, nina baprofethi, +
Umboze amakhanda enu, nina baboni bemibono. +
11 Kini yonke imibono iba njengamazwi encwadi evaliwe. + Lapho beyinika umuntu okwazi ukufunda, bethi: “Sicela ufunde la ngokuzwakalayo,” uyothi: “Angikwazi ngoba ivaliwe.” 12 Lapho le ncwadi beyinika umuntu ongakwazi ukufunda, bethi: “Sicela ufunde la,” uyothi: “Angikwazi nhlobo ukufunda.”
13 UJehova uthi: “Lesi sizwe sithi siza kimi
Singidumisa ngezindebe zaso, +
Kodwa inhliziyo yaso ikude nami;
Singesaba ngenxa yemiyalo esiyifundiswe ngabantu. +
14 Ngakho-ke, Mina ngiyophinde ngenze izinto ezimangalisayo ngalesi sizwe, +
Isimangaliso phezu kwesimangaliso;
Ukuhlakanipha kwabantu baso abahlakaniphile kuyoshabalala,
Nokuqonda kwabantu baso abanokuqonda kuyophela.” +
15 Maye kulabo abajula kakhulu ekufihleleni uJehova amacebo* abo. +
Izinto abazenzayo bazenza ebumnyameni,
Kuyilapho bethi: “Ngubani osibonayo?
Ngubani owaziyo ngathi?” +
16 Yeka indlela enisonta ngayo izinto!*
Ingabe umbumbi kufanele abhekwe njengobumba? +
Into eyenziwe kufanele yini ithi ngomenzi wayo:
“Akangenzanga”? +
Into ebunjiwe iyasho yini ngombumbi wayo ukuthi:
“Akaqondi”? +
20 Ngoba umcindezeli uyobe engasekho,
Nozigabisayo kuyophela ngaye,
Nabo bonke abahlala bebheke ithuba lokwenza okulimazayo bayobhujiswa, +
21 Labo ngamanga abo abenza abanye babe necala,
Ababekela umuntu ovikelayo* izicupho esangweni ledolobha, +
Nalabo ngezimpikiswano ezingathi shu abenza ukuba olungile angabutholi ubulungisa. +
22 Ngakho yilokhu uJehova owakhulula u-Abrahama + akushoyo endlini kaJakobe:
23 Ngoba lapho ebona abantwana bakhe,
Umsebenzi wezandla zami, phakathi kwakhe, +
Bayongcwelisa igama lami;
Impela bayomngcwelisa oNgcwele kaJakobe,
Bayoma bemangele ngenxa kaNkulunkulu ka-Israyeli. +
24 Labo abadukile bayothola ukuqonda,
Nalabo abakhonondayo bayokwamukela isiqondiso.”