UJeremiya
51 Yilokhu uJehova akushoyo:
2 Ngiyothumela eBhabhiloni abantu ukuba balihlakaze njengalapho umoya uphephula izinhlanga,
Bayolihlakaza benze izwe lakhona lingabi nalutho;
Bayolihlasela bevela nhlangothi zonke ngosuku lwenhlekelele. +
3 Ocibishelayo makangawugobisi* umnsalo wakhe.
Makungabikho muntu oma efake ijazi lakhe lensimbi.
Ningabonisi bubele ezinsizweni zalo. +
Bhubhisani lonke ibutho lalo.
5 Ngoba u-Israyeli noJuda ababona abafelokazi abafelwe nguNkulunkulu wabo, uJehova wamabutho. +
Kodwa izwe labo* linecala elibomvu phambi koNgcwele ka-Israyeli.
Ningabulawa ngenxa yesiphambeko salo.
Ngoba yisikhathi sempindiselo kaJehova.
Uyaphindisela kulo ngenxa yalokho elikwenzile. +
7 IBhabhiloni beliyindebe yegolide esandleni sikaJehova;
Lenze wonke umhlaba wadakwa.
8 IBhabhiloni liwe kungazelelwe, liphukile. +
Likhaleleni! +
Litholeleni ibhalsamu ngenxa yezinhlungu zalo; mhlawumbe lingase lilulame.”
9 “Sazama ukulelapha iBhabhiloni, kodwa alelaphekanga.
Lishiyeni, masihambeni yilowo nalowo aye ezweni lakubo. +
Ngoba izenzo zalo ezifanelwe yisahlulelo zifinyelele emazulwini;
Zinqwabelane zaze zafinyelela emafwini. +
10 UJehova usenzele ubulungisa. +
Wozani masilandise eZiyoni umsebenzi kaJehova uNkulunkulu wethu.” +
11 “Lolani imicibisholo; + thathani amahawu ayindilinga.*
UJehova uvuse umoya wamakhosi amaMede, +
Ngoba uhlose ukuchitha iBhabhiloni.
Ngoba lena yimpindiselo kaJehova, uphindiselela ithempeli lakhe.
12 Phakamisani uphawu *+ ngokumelene nezindonga zaseBhabhiloni.
Qinisani ezokuqapha, nimise abaqaphi.
Hlelani abazocutha.
Ngoba uJehova wakhe icebo,
Uzokwenza lokho akuthembisile ngokumelene nezakhamuzi zaseBhabhiloni.” +
13 “O wena wesifazane ohlala emanzini amaningi, +
Onengcebo eningi, +
Ukuphela kwakho kufikile, lapho ukwenza kwakho inzuzo kuphelela khona. *+
14 UJehova wamabutho uzifunge yena,
‘Ngiyokugcwalisa ngamadoda amaningi njengezintethe,
Ayohlabelela ngawe ingoma yokunqoba.’ +
15 Wenza umhlaba ngamandla akhe,
Yena owamisa izwe elikhiqizayo ngokuhlakanipha kwakhe +
Nowelula amazulu ngokuqonda kwakhe. +
16 Lapho kuzwakala izwi lakhe,
Amanzi emazulwini ayahlokoma,
Ubangela ukuba amafu* enyuke esuka emikhawulweni yomhlaba.
17 Wonke umuntu wenza ngokungacabangi nangokungabi nalwazi.
Wonke umuntu osebenza ngensimbi uyohlazeka ngenxa yesithombe esibaziwe; +
Ngoba isithombe sakhe sensimbi* singamanga,
18 Ziyinkohliso, *+ umsebenzi wokwenziwa inhlekisa.
Lapho usuku lokubhujiswa kwazo lufika, ziyoshabalala.
19 OyiSabelo SikaJakobe akafani nalezi zinto,
Ngoba nguYe owadala zonke izinto,
Ngisho nengxenye eyigugu kakhulu yefa lakhe. +
NguJehova wamabutho igama lakhe.” +
20 “Wena ungumshiza wami, isikhali sempi,
Ngawe ngiyophahlaza izizwe.
Ngawe ngiyochitha imibuso.
21 Ngawe ngiyophahlaza ihhashi nomgibeli walo.
Ngawe ngiyophahlaza inqola yempi nomgibeli wayo.
22 Ngawe ngiyophahlaza indoda nowesifazane.
Ngawe ngiyophahlaza ixhegu nomfana.
Ngawe ngiyophahlaza insizwa nentombi.
23 Ngawe ngiyophahlaza umalusi nomhlambi wakhe.
Ngawe ngiyophahlaza umlimi nezilwane zakhe alima ngazo.
Ngawe ngiyophahlaza ababusi nababusi abangamasekela.
24 Ngiyophindisela eBhabhiloni nakuzo zonke izakhamuzi zaseKhalideya
Ngenxa yabo bonke ububi ababenzile eZiyoni phambi kwamehlo enu,” + kusho uJehova.
Ngizokwelulela isandla sami kuwe ngikugingqe usuke emadwaleni
Ngikwenze ube yintaba eshile.”
26 “Abantu ngeke bathathe kuwe itshe legumbi noma itshe lesisekelo,
Ngoba uyoba yincithakalo kuze kube phakade,” + kusho uJehova.
27 “Phakamisani uphawu* ezweni. +
Shayani uphondo phakathi kwezizwe.
Khethani* izizwe zizolwa nalo.
Libizeleni umbuso wase-Ararati, + owaseMini nowase-Ashikenaze + ukuba izolwa nalo.
Thumani isikhulu esiqoqa abazolwa empini ukuba sizolwa nalo.
Khuphulani amahhashi njengokungathi isikhonyane sezintethe.
28 Khethani* izizwe zizolwa nalo,
Amakhosi aseMediya, + izinduna zakhona nabo bonke ababusi abangamasekela
Nawo wonke amazwe abawabusayo.
29 Umhlaba uyozamazama undindizele,
Ngoba imicabango kaJehova ngokumelene neBhabhiloni iyofezeka
Ukuba enze izwe laseBhabhiloni libe yinto eshaqisayo, lingabi namuntu ohlala khona. +
30 Amaqhawe aseBhabhiloni ayekile ukulwa.
Ahlezi ezinqabeni zawo.
Aphelelwe amandla. +
Asefana nabesifazane. +
Imizi yalo ishiswe ngomlilo.
Imigoqo yalo iphukile. +
31 Isithunywa siyagijima siyohlangabeza esinye isithunywa,
Umbiki uyohlangabeza omunye umbiki,
Ukuze kubikelwe inkosi yaseBhabhiloni ukuthi idolobha layo lithunjwe nhlangothi zonke, +
32 Ukuthi amazibuko avinjiwe, +
Izikebhe zomhlanga zishiswe ngomlilo,
Nokuthi amasosha ayesaba.”
33 Ngoba yilokhu uJehova wamabutho, uNkulunkulu ka-Israyeli, akushoyo:
“Indodakazi yaseBhabhiloni injengesibuya.
Yisikhathi sokuyinyathela ngokuphelele.
Maduzane isikhathi sokuvuna sizoyifikela.”
Ungibeke phansi njengesitsha esingenalutho.
Ungigwinyile njengenyoka enkulu; +
Ugcwalise isisu sakhe ngezinto zami ezinhle.
Ungiyakazile.
35 ‘Kwangathi isihluku esenziwe kimi nasemzimbeni wami singaba phezu kweBhabhiloni!’ kusho ohlala eZiyoni. +
‘Igazi lami malibe phezu kwezakhamuzi zaseKhalideya!’ kusho iJerusalema.”
36 Ngakho-ke yilokhu uJehova akushoyo:
Ngiyokomisa ulwandle lwalo, ngomise nemithombo yalo. +
37 IBhabhiloni liyoba yinqwaba yamatshe, +
Indawo ehlala izimpungushe, +
Into eshaqisayo nento yokushayelwa ikhwela,
Engahlali muntu. +
38 Bonke ngothi lwabo bayobhonga njengamabhubesi.*
Bayogwavuma njengamawundlu ebhubesi.”
39 “Lapho izifiso zabo sezinamandla, ngiyobenzela idili ngibadakise,
Ukuze bethabe; +
Ngemva kwalokho bayolala ubuthongo obungenasiphelo,
Abangeke baphaphame kubo,” + kusho uJehova.
40 “Ngiyobehlisa njengamawundlu ayohlatshwa,
Njengezinqama kanye nezimbuzi.”
41 “O yeka indlela iSheshaki* elinqotshwe ngayo, +
Yeka indlela abalithathe ngayo idolobha elalidunyiswa abantu bonke! +
Yeka indlela iBhabhiloni elibe ngayo yinto eshaqisayo phakathi kwezizwe!
42 Ulwandle lukhuphukele ngaphezu kweBhabhiloni.
Amagagasi alo amaningi alimbozile.
43 Amadolobha alo abe yinto eshaqisayo, izwe elingenamanzi neliwugwadule.
Izwe okungeke kuhlale muntu kulo, nokungeke kudlule muntu kulo. +
Izizwe ngeke zisathutheleka kuye,
Udonga lwaseBhabhiloni luyowa. +
45 Phumani kulo, bantu bami! +
Sindisani ukuphila kwenu + olakeni lukaJehova! +
46 Ningashaywa uvalo noma nesabe ngenxa yombiko ozozwakala ezweni.
Umbiko uzofika ngomunye unyaka,
Ngonyaka olandelayo kufike omunye umbiko
Wodlame ezweni nowombusi olwa nomunye umbusi.
47 Ngakho kuza izinsuku
Lapho ngiyojezisa khona izithombe ezibaziwe zaseBhabhiloni.
Lonke izwe lakhona liyohlazeka,
Nabo bonke ababulewe balo bayodindiliza phakathi kwalo. +
48 Amazulu nomhlaba nakho konke okukukho
Kuyomemeza ngenjabulo ngokuwa kweBhabhiloni, +
Ngoba abazolibhubhisa bayofika bevela enyakatho,” + kusho uJehova.
49 “IBhabhiloni aligcinanga nje ngokubulala abakwa-Israyeli, +
Kodwa eBhabhiloni kwabulawa nabantu abavela kuwo wonke umhlaba.
Kwangathi ningacabanga ngeJerusalema.” +
51 “Sihlazekile, ngoba sizwe ukuklolodela.
Ubuso bethu bumbozwe amahloni,
Ngoba abezinye izizwe* bahlasele izindawo ezingcwele zendlu kaJehova.” +
52 “Ngakho kuza izinsuku,” kusho uJehova,
“Lapho ngiyojezisa khona izithombe zalo ezibaziwe,
Kulo lonke izwe lakhona abalimele bayobe bequma.” +
53 “Ngisho noma iBhabhiloni lingenyukela emazulwini, +
Ngisho noma lingaqinisa izinqaba zalo eziphakeme,
Ngiyolithumelela abazolibhubhisa,” + kusho uJehova.
54 “Lalela! Kukhona ukukhala okuvela eBhabhiloni, +
Umsindo wenhlekelele enkulu ovela ezweni lamaKhaledi, +
55 Ngoba uJehova ubhubhisa iBhabhiloni,
Uyothulisa izwi lalo elikhulu,
Umsindo wezitha zalo uyoba njengowamagagasi olwandle.
Umsindo wezwi lazo uyozwakala.
56 Ngoba ozolibhubhisa uyofika eBhabhiloni; +
Amaqhawe alo ayothunjwa, +
Imicibisholo yawo iyophulwa,
Ngoba uJehova unguNkulunkulu wempindiselo. +
Nakanjani uyophindisela. +
57 Ngiyodakisa izikhulu zalo namadoda alo ahlakaniphile, +
Izinduna zalo nababusi balo abangamasekela namaqhawe alo,
Bayolala ubuthongo obungenasiphelo,
Abangeke baphaphame kubo,” + kusho iNkosi, enguJehova wamabutho igama layo.
58 Yilokhu uJehova wamabutho akushoyo:
“Udonga lwaseBhabhiloni, nakuba lubanzi, luyobhidlizwa ngokuphelele, +
Namasango alo, nakuba ephakeme, ayoshiswa ngomlilo.
Abantu bayosebenzela ubala;
Izizwe ziyofukuza ukuze nje zibase umlilo.” +
59 Leli yizwi uJeremiya umprofethi aliyala uSeraya indodana kaNeriya + indodana kaMaseya lapho ehamba noZedekiya inkosi yakwaJuda beya eBhabhiloni ngonyaka wesine wokubusa kwakhe; uSeraya wayengamele izinto zenkosi. 60 UJeremiya wabhala encwadini eyodwa ngayo yonke inhlekelele eyayiyokwehlela iBhabhiloni, wonke la mazwi abhaliwe ngokumelene neBhabhiloni. 61 Ngaphezu kwalokho, uJeremiya wathi kuSeraya: “Lapho ufika eBhabhiloni, kumele uwafunde ngokuzwakalayo wonke la mazwi. 62 Ngemva kwalokho uthi, ‘O Jehova, uthe le ndawo izobhujiswa kungabe kusaba namuntu ohlala kuyo, umuntu noma isilwane, wathi iyoba amanxiwa kuze kube phakade.’ + 63 Lapho usuqedile ukuyifunda le ncwadi, ubophele itshe kuyo bese uyiphonsa phakathi e-Ewufrathe. 64 Bese uthi, ‘Lena yindlela iBhabhiloni eliyocwila ngayo lingaphinde likhuphuke + ngenxa yenhlekelele engiyiletha kulo; bayokhathala.’ ” +
Amazwi kaJeremiya aphelela lapha.