UHoseya
2 “Anothi kubafowenu, ‘Abantu bami!’ *+
Kodadewenu nithi, ‘O wena wesifazane oboniswe isihe!’ *+
Kufanele ayeke ukufeba
Asuse nokuphinga kwakhe phakathi kwamabele akhe,
3 Ngale kwalokho ngizomhlubula abe nqunu, ngimenze abe njengasosukwini lokuzalwa kwakhe,
Ngimenze abe njengehlane,
Ngimnciphise abe yizwe elingenamanzi,
Ngimenze abulawe ukoma.
5 Ngoba unina wenze ubufebe. *+
Lowo owawakhulelwa wenze ngokuhlazisayo, + ngoba uthe,
‘Ngizolandela izithandwa zami ezingikhanukelayo, +
Labo abanginika isinkwa namanzi,
Uboya nelineni, amafutha nesiphuzo.’
6 Ngakho indlela yakhe ngiyoyivimba ngameva;
Ngiyophakamisa udonga lwamatshe lumvimbe,
Ukuze angazitholi izindlela zakhe.
7 Uyogijima alandele izithandwa zakhe ezimkhanukelayo, kodwa ngeke azifice; +
Uyozifuna, kodwa ngeke azithole.
Uyobe esethi, ‘Ngizobuyela kumyeni wami, *+
Ngoba kwakungihambela kahle ngaleso sikhathi kunamanje.’ +
8 Akazange abone ukuthi yimi owayemnika ukudla okusanhlamvu, + iwayini elimnandi namafutha,
Nokuthi yimi owayemnika isiliva eliningi
Negolide ababelisebenzisela uBhali. +
9 ‘Ngakho ngizobuya ngithathe ukudla kwami okusanhlamvu ngesikhathi sako
Newayini lami elimnandi ngenkathi yalo, +
Ngizohlwitha uboya bami nelineni lami okwakuzomboza ubunqunu bakhe.
10 Manje ngizokwembula izitho zakhe zangasese phambi kwezithandwa zakhe ezimkhanukelayo,
Akunamuntu oyomsindisa esandleni sami. +
11 Ngizoyiqeda yonke injabulo yakhe,
Imikhosi yakhe, + ukwethwasa kwezinyanga zakhe, amasabatha akhe nazo zonke izinkathi zakhe zemikhosi.
12 Ngizozenza zibe incithakalo izihlahla zakhe zamagilebhisi nezomkhiwane, athe ngazo:
“Ziwumholo wami, engiwunikwe izithandwa zami ezingikhanukelayo”;
Ngizozenza zibe yihlathi,
Izilwane zasendle zizozishwabadela.
13 Ngizomenza alandise ngezinsuku ayenzela ngazo izithombe zikaBhali imihlatshelo, +
Ngesikhathi ezihlobisa ngezindandatho zakhe nangemihlobiso yakhe, elandela nezithandwa zakhe ezimkhanukelayo,
Yimina amkhohlwa,’ + kusho uJehova.
15 Ngizombuyisela amasimu akhe amagilebhisi kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke, +
ISigodi* Sase-Akori + siyoba isango lethemba kuye;
Uyophendula lapho njengasezinsukwini zobusha bakhe,
Njengasosukwini aphuma ngalo ezweni laseGibhithe. +
16 Ngalolo suku,’ kusho uJehova,
‘Wena uyongibiza ngokuthi, myeni wami, ngeke usangibiza ngokuthi nkosi yami.’*
18 Ngalolo suku, ngiyobenzela isivumelwano nezilwane zasendle +
Nezinyoni zamazulu nezinto ezihuquzelayo zasemhlabathini; +
Ngiyowuqeda umnsalo nenkemba nempi ezweni, +
19 Ngiyokwenza ube umakoti wami kuze kube phakade;
Ngiyozinikela ekukuboniseni ukulunga nobulungisa,
Ngothando oluqotho nangesihe. +
21 ‘Ngalolo suku ngiyophendula,’ kusho uJehova,
‘Ngiyophendula amazulu,
Wona aphendule umhlaba; +
22 Umhlaba uyophendula ukudla okusanhlamvu newayini elisha namafutha;
23 Ngiyozihlwanyelela yena njengembewu emhlabathini, +
Ngiyombonisa isihe yena ongaboniswanga isihe;*
Ngiyothi kulabo abangebona abantu bami:* “Ningabantu bami,” +
Bona, bayothi: “UnguNkulunkulu wami.” ’ ” +