UJona
4 Kodwa lokho akuthandekanga neze kuJona, wathukuthela wagana unwabu. 2 Ngakho wathandaza kuJehova wathi: “O Jehova, akukhona yini lokhu okwakungikhathaza lapho ngisesezweni lakithi? Yingakho ngazama ukubalekela eTharishishi + kwasekuqaleni; ngoba ngangazi ukuthi unguNkulunkulu onozwela* nesihe, owephuza ukuthukuthela nochichima uthando oluqotho, + lowo odabukayo ngenhlekelele. 3 Manje Jehova, ngicela uthathe ukuphila kwami, ngoba kungcono ukuba ngife kunokuba ngiphile.” +
4 UJehova wabuza: “Kulungile yini ukuba uthukuthele kangaka?”
5 UJona wabe esephuma kulelo dolobha, wahlala phansi ngasempumalanga yedolobha. Wazakhela umpheme lapho, wahlala emthunzini wawo ukuze abone ukuthi kwakuzokwenzekani ngedolobha. + 6 Ngemva kwalokho, uJehova uNkulunkulu wenza ukuba kumile uselwa, ukuze lwenzele ikhanda likaJona umthunzi, lumphumuze osizini lwakhe. UJona wajabula kakhulu ngalolu selwa.
7 Kodwa uNkulunkulu weqiniso wathumela isibungu ekuntweleni kokusa ngosuku olulandelayo, sahlasela uselwa, lwabuna. 8 Lapho ilanga liphuma, uNkulunkulu wathumela nomoya wasempumalanga oshisa kakhulu, ilanga lashaya phezu kwekhanda likaJona, waphelelwa amandla. Wayelokhu ecela ukuba afe, elokhu ethi: “Kungcono ukuba ngife kunokuba ngiphile.” +
9 UNkulunkulu wabuza uJona wathi: “Kulungile yini ukuba uthukuthele kangaka ngenxa yoselwa?” +
Waphendula wathi: “Kufanele ngithukuthele, ngithukuthele ngize ngifune ukufa.” 10 Kodwa uJehova wathi: “Wena uzwele uselwa, ongazange ulusebenzele noma ulukhulise; lukhule ngobusuku obubodwa lwashabalala ngalo lolo suku. 11 Akufanele yini nami ngilihawukele iNineve idolobha elikhulu, + okukhona kulo abantu abangaphezu kuka-120 000 abangawazi ngisho nomehluko phakathi kokulungile nokungalungile, kuhlanganise nemfuyo yabo eningi?” +