116 Ngiyamthanda uJehova
Ngoba uyalizwa izwi lami, ukukhalela kwami usizo. +
2 Ngoba uyangilalela, +
Ngizombiza uma nje ngisaphila.
3 Izintambo zokufa zangizungeza;
Ngase ngilengela eGodini. +
Ngangikhungethwe ukucindezeleka nosizi. +
4 Kodwa ngabiza igama likaJehova + ngathi:
“O Jehova, ngikhulule!”
5 UJehova unozwela futhi ulungile; +
UNkulunkulu wethu unesihe. +
6 UJehova uqapha abangenalwazi. +
Ngangithotshisiwe kodwa wangisindisa.
7 Umphefumulo wami mawuphinde uphumule,
Ngoba uJehova ungiphathe ngomusa.
8 Wena ungikhululile ekufeni,
Iso lami ezinyembezini, unyawo lwami ekukhubekeni. +
9 Ngizohamba phambi kukaJehova ezweni labaphilayo.
10 Nganginokholo, ngoba ngakhuluma; +
Ngangihlupheke kakhulu.
11 Lapho ngethukile ngathi:
“Wonke umuntu ungumqambimanga.” +
12 Ngizombuyisela ngani uJehova
Ngakho konke okuhle angenzele kona?
13 Ngizothatha indebe yensindiso,
Ngibize igama likaJehova.
14 Ngizogcwalisa izifungo zami engizenze kuJehova
Phambi kwabo bonke abantu bakhe. +
15 Kuwukulahlekelwa okukhulu emehlweni kaJehova
Ukufa kwabaqotho bakhe. +
16 Ngiyakuncenga Jehova,
Ngoba ngiyinceku yakho.
Ngiyinceku yakho, indodana yencekukazi yakho.
Ungikhululile ezibophweni zami. +
17 Ngizonikela kuwe umhlatshelo wokubonga; +
Ngizobiza igama likaJehova.
18 Ngizogcwalisa izifungo zami engizenze kuJehova +
Phambi kwabo bonke abantu bakhe, +
19 Emagcekeni endlu kaJehova, +
Phakathi kwakho, Jerusalema.
Dumisani uJah! +